Uzwakalise umyalezo kayise nge-IFP

602

BHEKI NDLOVANA

IZWAKALISE umyalelo kayise mayelana ne-IFP indodana yeNkosi Mangosuthu Buthelezi, emsunguli waleli qembu.

UMntwana uMntwana uZuzifa Buthelezi (osesithombeni), uthi uyise uhambe emhlabeni esho
ukuthi akafisi ukuba i-IFP ixoveke. 

Uthe kungaba kubi kuMntwana waKwaPhi-ndangene, ngisho eselele kobandayo, ukubona iNkatha iphenduka ize. 

“(Ubaba) wathi uyafisa ukuba lingenzeki iphutha lokuthi ixoveke i-IFP, kuze kufike esigabeni sokuthi ishabalale. 

“Ngiyethemba ukuthi abaholi bamzwile uma esho kanjalo, bamlalela,” kusho uMntwana uZuzifa. 

Uthe uyise wayekholelwa ekutheni uma umuntu (abaholi be-IFP) esecabanga noma esebona kangcono kuneqembu, makahambe njengoba nabanye benza phambilini – angazami ukushintsha imigomo ye-IFP.  

Uthe uzimisele ukulwa kuze kunqamuke izandla ukuqinisekisa ukuthi ifagugu nemisebenzi kayise kakushabalali. 

Previous article“Ubaba ubazi iSilo esisodwa” kusho abakwaButhelezi
Next articleUNgizwe ucasule amabutho