SENZO SOKHELA
UVEZA okuzokwehlulelwa ngakho abadlali ukuze banikwe izinkontileka ezintsha kumbe badedelwe u-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi weKaizer Chiefs. IChiefs kulindelwe ukuba idedele abadlali abanesipiliyoni njengoba uZwane eyakha kabusha. Kubadlali abangase bakhululwe kubalwa uKhama Billiat ophelelwa yinkontileka nale kilabhu uma kusongwa isizini. UBilliat sekunesikhathi alimala kanti kakubukeki ezolulama maduzane. Omunye okuthiwa angase abone indlela ngu-Erick Mathoho (osesithombeni), odlala emuva, naye ophelelwa yinkontileka.
UZwane uthi isinqumo ngekusasa labadlali ngeke sithathwe ngokubheka ukulimala komuntu kodwa bazobheka ukuthi yini lowo mdlali asengayenzela ikilabhu. “Njengekilabhu sinesu futhi lelo qhinga belilokhu lisebenza ngabo laba badlali. “Siyazi ukuthi yini abangayilethela ikilabhu. “Ngebhadi ukulimala kuyingxenye yebhola. “Ukulimala komuntu kusuke kungasho ukuthi akasesiyona ingxenye yekilabhu. “Sizolinda kuze kuphele isizini besesicubungula umdlali ngamunye ngoba uma uqala into ethile, lokho kumqoka. “Kasizukubheka umuntu ukuthi lowo mdlali ulimele okwamanje, sizobheka ukuthi yini angayinika ikilabhu esikhathini esizayo,” kusho uZwane.