UZwane udalula ubuthaka beChiefs

223

Asikwazanga ukuthola abadlali abazofike bengeze esingenakho’UMQEQESHI

esingenakho’UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UVEZA lapho esibuthaka khona isikwati sakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs okusabhekwe lukhulu kuyena.IChiefs izobhekana neRichards Bay FC koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.IChiefs kulindelwe ukuba itheleke kulo mdlalo igcwele ukuzethemba kwazise yehlule ngo-1-0 omkhaya i-Orlando Pirates koweligi ngeledlule eFNB Stadium, eSoweto.Inqoba lo mdlalo nje, umqeqeshi wayo u-Arthur Zwane ungaphansi kwengcindezi njengoba abalandeli bale kilabhu bengasamzwisisi kahle.Abanye balimisa ngesihloko elokuthi makahambe ngoba ngeke ayenzele lutho le kilabhu. UZwane uthi isikwati sakhe sisaxega phambi kwamapali, okwenza izinto zibe nzinyana.

“Uhlezi uzoba nenselelo uma kunezindawo ozacile kuzona.“Sizame ngawo wonke amandla ukuthola abadlali abaseqophelweni eliphezulu ngesikhathi kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali, ngebhadi sangathola abadlali ebesibafuna.“Asikwazanga ukuthola abadlali abazofike bengeze lokhu esingenakho.“Ekuletheni kwethu uCaleb (Bonfils-Caleb Bimenyimana) besazi ukuthi kuzoba nezinselelo zokusheshe ajwayele indlela yethu yokudlala, noChristian Saile ngokunjalo.“Ngingumqeqeshi okholelwayo ekutheni uma ibhola kungelethu kufanele silinakekele.“Uma ubheka indlela esidlala ngayo uyabona ukuthi kuyaphuthunywa, sijaha ukufika ngokushesha ebhokisini lezimbangi.“Kufanele singabi nazwelo uma sesifike ebhokisini lezimbangi.

“Uma usabumba kabusha ikilabhu, usathi uhlanganisa iqembu ozoqala ngalo, bese kuba khona olimalayo, uyaphoqeka ngokuzayo ukuthi uzame omunye, leyo nto ibuyiselana emuva. “Kuzofanele sizame ukuyilungi-sa le nto yaphambi kwamapali; kufanele singabi nazwelo, sisebe-nzise indluzula,” kusho uZwane.Amathikithi omdlalo weChiefs neBay aseyatholakala eTicketpro, abiza u-R100.Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto iqhathwe kanje: KUSASA NGOLWESIHLANU EDobsonville Stadium: Swallows vs Orlando Pirates 19h30. NGOMGQIBELOEKing Goodwill Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Kaizer Chiefs 15h30. EChatsworth Stadium: Royal AM vs Sekhukhune United 17h45. EHarry Gwala Stadium: Maritzburg Utd vs Cape Town City 20h00. NGESONTOENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs AmaZulu 15h30. EFree State Stadium: Marumo Gallants vs TS Galaxy 15h30. EDanie Craven Stadium: Stellenbosch vs Mamelodi Sundowns 15h30. ELucas Masterpieces Moripe Stadium: SuperSport Utd vs Golden Arrows 17h45.

Previous articleISilo sikhuthaza ukuhambela imicimbi
Next articleBASOLA UGQAMCISHI NGOKUSHA KWEZITOLO KWANONGOMA