UZWANE UTUSA IGALELO LIKA-KHUNE

441
U-ITUMELENG KHUNE IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
AKAWUVALI umlomo ngomdlali wakhe obese kunesikhathi agcina ukubonakala umqeqeshi weKaizer Chiefs ekhombisa ukuba sefomini. IziMpofana ziguqise ngo-2-0 iLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eMoses MabhidaStadium, eThekwini. Amagoli eChiefs avalelwe enethini ngoBonfils-Caleb Bimenyimana no-Edmilson Dove. I-Arrows iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uSiyabonga “Shluthu” Khumalo odlala esiswini. Ukhishwa nje, umdlalo bese uvele uzophela nomonakalo
usuvele sewenzekile.


Kulo mdlalo kubonakale u-Itumeleng Khune ongunozinti obese kunesikhathi agcina ukuvimba ngenxa yokulimala. Ubuye wagila izimanga njengoba ubevimba kwasani oluza phambi kwakhe. Lo nozinti ugcine eqokwa njengomdlali ovelele. U-Arthur Zwane, ololonga iChiefs, akawuvali umlomo ngoKhune njengoba ethi ukholwa wukuthi isipiliyoni sakhe sisazobasiza, inqobo nje uma engalimali. “Umdlalo asizange siwuqale kahle, imizuzu yokuqala engu-10 besisahuqa ubuthonga, bakha amathuba abengaba ngamagoli.


“Indlela uhlelo lwethu obelumi ngayo belwehlukile kodwa besingenza kangcono uma sesiphambi kwamapali. “Ukuba khona kukaKhune kumqoka ngendlela eyisimanga, kwenza nabadlali babe nokuzethemba. “Uma ukhumbula kahle, emidlalweni eyedlule besivuzisa amagoli angenasidingo. “Okuhle ngalo mdlalo we-Arrows ukuthi kasingenelwang goli,” kusho uZwane. Uthi i-Arrows ibanike umdlalo oseqophelweni eliphezulu. “Ngihlale ngisho ukuthi uma udlala nekilabhu enjenge-Arrows, emnandi uma iphethe ibhola, uma uke nje wayinika intuba yokudlala izokunika inkinga. “Inhloso yethu bekuwukubafakela ingcindezi, singabavumeli ukuthi badlale ngokukhululeka. “Besihlose ukusheshe siqede nje ngalo mdlalo, yingakho siphushe uReeve Frosler ukuba ashoshele okwenze uNduduzo Sibiya we-Arrows waphoqeleka ukuba amake noPule Mmodi, ngokunjalo akhathale. “Konke kuhambe ngokohlelo, ngijabule ngalo mphumela.”

Previous articleSitholwe ngaphansi kombhede womngani isidumbu sowesifazane
Next articleUWUHLUKANISELE EJELE UNYAKA ‘OBEDLWENGULA INDODAKAZI (12)’