Kuzofundwa emisakazweni kuze kushaye uJune
MTHOBISI SITHOLE
ISITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA
UQHANYUKWE nohlelo lukazwelonke oluzosiza ukwelekelela abafundi njengoba izikole nezwe kuvaliwe ngenxa yobhubhane lweCorona ehlasele umhlaba wonke.
UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, oholwa nguNgqongqoshe Angie Motshekga, usuveze ukuthi kusukela namhlanje ngoLwesine abafundi bazofundiswa kuzona zonke iziteshi ezinkulu zemisakazo yakuleli nakumabonakude imbala, ngemizamo yokufukula nokubuyisa isikhathi esilahlekayo njengoba kuvalwe yonke into ezweni.
UMqondisi jikelele kulo mnyango, uMnu Mathanzima Mweli, uthi ngalolu hlelo, banethemba lokuthi kuzosizakala kakhulu abafundi ngenxa yesikhathi esi-ningi esilahlekile njengoba behlezi emakhaya.
Uthi lolu hlelo lokufundiswa kwabafundi luzokwenzeka ku-SABC 1, 2 no-3 nakuzona zonke iziteshi.
“Siyethemba ukuthi abantwana bazolibamba ngazo zombili leli thuba. Lesi yisikhathi esibi okumele kubanjiswane kusona ngoba imfundo ibalulekile,” kusho uMnu Mweli. Uthe lokhu kuzokwenzeka kuze kushaye uNhlangulana (June) nakuba kungakaziwa ukuthi isimo sezwe sizobe sesinjani nje-ngoba kuhlasele iCorona.
Umnyango uthi ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kuSABC 1 kuzofundwa ngo-5 ekuseni kuya ku-6, kuSABC 2 kugamenxe ihora lesi-9 kuya kwele-11 kanti kuSABC 3 kuzokwenzeka ngo-6 ekuseni kuya ku-7.
Eziteshini zemisakazo ezizokwenza lokhu kubalwa kuzona uMhlobo Wenene, iThobela, uKhozi, Ligwalagwala, True FM, Lesedi FM, Motsweding FM, Munghana Lonene, Phalaphala neRadio 2000.
OKhozini FM kuzofundwa ngehora lesi-9 ebusuku kuya kwele-10 kanti kuMhlobo Wenene FM kuzofundwa kugamanxe u-14h00 kuya ku-15h00.
UMnu Mweli uthi izifundo okuzogxilwa kuzona yiMathematics, iPhysics, iLife Sciences, i-Accounting nezilimi.
Uthi lolu hlelo lubhekene kakhulu noGrade-10, 11, no-12 kanti nabasemabangeni aphansi zikhona izinhlelo zokuthi bafunde.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli qhinga lokuthi kufundwe ngomsa-kazo luqalwe wumnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, ngesikhathi umengameli wezwe ememezela ukuba kuvalwe izikole.
UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnu Kwazi Mshengu, ulwethule emisakazweni ethile KwaZulu-Natal kanti uNgqongqo-she kazwelonke, uNkk Motshekga, waluncoma kakhulu wathi luwumqondo omuhle.
Izikole bekulindeleke ukuba zivulwe ngomhla ka-14 kuMbasa (April) nokho okungeke kusenzeka njengoba lolu suku luzoshaya kusagonqiwe.
mthobisis@ilanganews.co.za