Wahlala emijondolo esechayiswe ngowayemthembise inhlolokhono

1253

NHLANHLA HUDLA

ULUBALUBELA ukugijima emakilabhini amakhulu aseNingizimu Afrika, uChibuike Ohizu, waseNigeria, ongumgadli weSekhukhune United, egijima kwiDStv Premiership. 

U-Ohizu ungowokudabuka e-Onitsha, eNigeria, wazalwa mhla ka-18 kuMandulo (September) ngo-1996. Lo mdlali usephenduke isethenjwa kwiSekhukhune njengoba ehlala eyishayela amagoli amqoka. 

 Inhlolokhono yakhe yokuqala kuleli wayenza kwiTembisa Classic, lapho okwachazeka khona abaqeqeshi ngosuku lwakhe lokuqala bembona okwaba yisiqalo sezinto ezinhle empilweni yakhe. 

Ngesikhathi eyokwenza inhlolokhono, wayegqoke amakhokho okwebolekwa. 

 Emakilabhini aseke wawadlalela kuleli kukhona iLeruma United eyayidlala kwiSecond Division neJomo Cosmos afike wagqama kakhulu kuyona ngaphambi kokuba ajoyine iSekhukhune . 

Ingxoxo ka-Ohizu neLANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yaNgaphandle kweNkundla ihambe kanje:-

I/L: Wafika kanjani kuleli?

Ohizu: Ngangithenjiswe ngumuntu othile ukuba ngize ukuzokwenza inhlolokhono, 

nokho ngazithola sengihlala emkhukhwini emuva kokuba engijikele. Phela ngafika esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo kungekho muntu ozongilanda. 

Lapho-ke kwadingeka ukuba ngizibonele, ngagcina sengihlala emikhukhwini.

I/L: Pho wawuphila kanjani emijondolo?

Ohizu: Ngesikhathi ngifika kuleli ngangiphethe izimpahla ezibiza inani elingafika ku-R2000. Kulezo zimpahla kwakuhlanganisa nezinto zokudlala. 

Ukubhimba kwezinto kwaholela ekutheni ngidayise amakhokho ngo-R50 ukuze ngikwazi ukuxosha ikati eziko. Ngenkathi ngibona ukuthi izinto ziyangibhedela, ngahlangana nabanye abantu abangikhoselisa ukufihla ikhanda. 

Kuleyo ndlu sasihlala siwu-5, kungekho ngisho indawo yokuzinwaya ngendlela esasiminyene ngakhona. Laba engangihlala nabo, babedayisa emigwaqweni, bangiyalela ukuba ngikhohlwe yindaba yebhola, ngibhekane nebhizinisi ababelenza ngaleso sikhathi.

I/L: Pho waphuma kanjani empilweni yasemijondolo?

Ohizu: Ngasizwa ngu-Emmanuel Adebayo Abayomi, owangithatha ngayokwenza inhlolokhono kwiTembisa Classic, kwaba wukuqala kokukhanya kwezinto zami kunobhutshuzwayo.

I/L: Ufike kanjani ebholeni elikho-khelayo?

Ohizu: Indaba yami yinde kakhulu. 

Nokho engingakusho wukuthi kakuzange kube lula, ngadlula ebunzimeni obukhulu.

I/L: Ungumuntu onjani?

Ohizu: Nginomoya ophansi futhi ngizithobile. Ngiyakuthanda ukuhlala nabanye abantu. Ngibuye ngibe ngumuntu okholelwa kakhulu kuNkulunkulu.

I/L: Basaphila bazali bakho?

Ohizu: Yebo. Ngenhlanhla iNkosi isangibusisile ngokubagcina bobabili abazali bami.

I/L: Usushadelwe?

Ohizu: Lutho, kodwa nginaye umuntu engithandana naye, engimthanda kakhulu. 

Ngethemba ukuthi uzokuba ngumama wabantwana bami eminyakeni ezayo kwazise kangikabi nayo ingane.

I/L: Yimuphi umbala owukhonzile?

Ohizu: Omhlophe, nakuba ngiyifaka neminye.

I/L: Yiluphi uhlobo lomculo olukucha-zayo?

Ohizu: Kangiyena umuntu okhetha umculo, ngiyaye ngidlale noma yimuphi, kodwa imvamisa kuyaye kube yizingoma ze-gospel.

I/L:Yibaphi abadlali okhule ubukela kubona?

Ohizu: Ngikhule ngizifela ngoWayne Rooney owaduma kakhulu engalibheki ipali kwiManchester United (yase-England) noDidier Drogba wase-Ivory Coast owayedlala kwiChelsea (yakhona e-England).

I/L: Uzibona ukuphi eminyakeni eyisihlanu ezayo?

Ohizu: Ngifisa ukuzibona ngigijimela 

ikilabhu enkulu eNingizimu Afrika. Nginethemba lokuthi isifiso sami sizofezeka maduzane.

I/L: Iyiphi ikilabhu okhule uyilandela phesheya kwezilwandle?

Ohizu: Ngithanda iLiverpool (yase-England).

I/L: Ungathini ngezinga lebhola kwiligi yakuleli?

Ohizu: Iligi yalapha ingenye yamakhulu kakhulu e-Afrika. Kuyona yonke imidlalo edlalwayo, kakukho lapho othi kuzokwenzeka khona okuthile, kwazise wonke amakilabhu adlala ngezindlela zawo ezenza iligi ishube kakhulu. 

IMamelodi Sundowns ingenye yamakilabhu akhombisayo ukuthi ibhola lakuleli lisezingeni eliphezulu kakhulu njengoba ingabhenywa nakwiCaf.

I/L: Yimuphi umyalezo ongawudlulisela entsheni efisa ukudlala unobhutshuzwayo?

Ohizu: Kakukho okudlula ukuzimisela. Ngenhlanhla ngihlale ngivakashela izinkulisa lapho ngiyaye ngibatshele khona abadlali abasebancane ukuthi kakukho nzima ukudlala ibhola elikhokhelayo, into efunekayo nje wukuzimisela nokulalela imiyalelo yabaqeqeshi.

Chibuke Ohizu of Sekhukhune United during DStv Premiership 2023/24 match between Sekhukhune United and Moroka Swallows at Peter Mokaba Stadium in Polokwane on 16 August 2023 ©Samuel Shivambu/BackpagePix
Previous articleUyalwe ngokulandela ezinyathelweni zikaShenge
Next articleSiqubuke nakwezolimo isililo “ngokugoduka” kukaStekeni