Waqala ukusakaza eneminyaka ewu-9 owoKhozi ogoduke nendondo

623

LUCKY CAIN

AKALONA ivukana emsakazweni uNeliswa Cele (26), ongumsakazi osemncane woKhozi FM ohlonishwe ngendondo yeBright Star Inductee emcimbini weSA Radio Awards obuseSandton Convention Centre eGoli, ngeledlule.

Le ntokazi – eyaqala kwezokusakaza iseyingane esiteshini somphakathi, iKhwezi Community Radio, esisemishini yaKwaSizabantu, eKraanskop, ithi izizwa ithobekile ngokuhlonishwa ngale ndondo njengoba isike yanqoba kulo mcimbi phambilini ngesikhathi isasakaza kulesi siteshi somphakathi.

“Ngangena kwiKhwezi cishe ngineminyaka ewu-9 ubudala, ngangenza izinhlelo zezingane. Ngokuhamba kwesikhathi, nganqoba iBest Community Radio Presenter kulo mcimbi – usabizwa ngeSABC Community Radio Awards – futhi ngaklonyeliswa nangendondo enkulu yosuku (overall award),” kusho yena.

Uthi cishe oKhozini wangena isineminyaka ewu-14 ubudala, emuva kokuchushiswa ngu-Irvin Sihlophe – obengumsakazo walesi siteshi, osanda kudlula emhlabeni – naye owaqala kwiKhwezi FM. 

UNeliswa – owenza izinhlelo zezemfundo oKhozini – uthi nguSihlophe owamsiza ngokwenza i-demo futhi waxhumana nabazali bakhe ngethuba lokungena kulo msakazo. Ngaleso sikhathi kwakudingeka abantu abasha abazokwenza uhlelo olwalubizwa ngeState Your Mind.

Le ntokazi egabe ngeziqu zomthetho (Bachelor of Law Degree) ezithole e-University of KwaZulu Natal (UKZN), ithi nakuba yenza imisebenzi eqhelelene nemfundo yayo, kodwa kukhona ezimisele ngokungena kukhona, okuthinta zona izifundo zayo. Ike walingisa emidlalweni yomoya oKhozini kanti uke wavela kafushane kwiDurban Gen – okuwumdlalo obukhonjiswa kwi-e.tv – engasekho emoyeni. 

Previous articleUKhanye uluma uyaphephetha kuKhune mayelana notshwala
Next articleUmphenyi udedele amabhomu kwelokubulawa kwephoyisa