Washada isinyenyela uthisha obulawe ‘yindoda nenyanga’

1096

NOMFUNDO NGWANE

UNKK Makhosazane Buthelezi uMaNgcobo (41), obenguthisha okuboshwe umyeni wakhe ngezinsolo zokumklabha ambulale.

ILAHLWE ngelakubo indoda esolwa ngokuklabha ibulale umkayo ihlangene nenyanga yayo, ngesikhathi ishaqwa ngamaphoyisa seyizama ukweqa kuleli ibalekela kwelinye izwe.

Umsolwa esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo, uboshwe ngamaphoyisa kanye nenyanga kanjalo nomzala wakhe ngezinsolo zokugenca babulale uNkk Makhosazane Buthelezi uMaNgcobo (41), obenguthisha eThalaleni High School, eNkandla. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngodadewabo kamufi uNkz Lungelo Ngcobo, uthi bathuke bacishe bashayeka phansi bethola ukuthi udadewabo ubeseshadile nale ndoda.

Uthi bewumndeni bebengakaze bayibone nangamehlo le ndoda, baze babona izithombe zayo udadewabo eseshonile. Uthi bathole udadewabo eseshonile ukuthi bashada isinyenyela, bangayazisa imindeni yabo ukuthi sebebhalile. 

Uthi udadewabo ubulawa nje, ubenomuzi eMpangeni, kuhlala izingane zakhe nomuntu ozigadayo, ebuya uma kuphele inyanga, kwazise ubehlala eNkandla ngenxa yomsebenzi.

“Udaba lokushada kwakhe nomsolwa siluthole ngoba eseshonile, besingenalwazi ngalo,” esho. Uthi umsolwa ubehlala eMpumalanga, esebenzela khona. 

Bathole ukuthi udadewabo uhlangane nomsolwa eminyakeni emibili edlule esebenza enkontilakini ebiyakha isikole esingumakhelwane walapho esebenza khona.

Uthi bathole ukuthi umsolwa ubemqola udadewabo, njalo uma eholile ubemfonela amphoqe ukuba amfakele imali yokwenza izidingo zakhe yize bebengahlali ndawonye. 

Basola ukuthi ubemkhave ngenqwaba yamapholisi akho-kha imali enkulu. Kuthiwa eMpumalanga lapho abehlala khona umsolwa, ubekipite no-munye wesifazane naye okutholakale ukuthi umkhave ngepholisi yemali enkulu kodwa owesifazane engazi ukuthi ukhaviwe.

UNkz Ngcobo uthi udadewabo ngomhla ka-17 kuNhlolanja wathola ucingo luvela kumyeni wakhe, emazisa ukuthi makamlinde edolobheni uzomthatha khona kwazise uzomvakashela. 

Kuthiwa umufi uxoxele aba-nye ozakwabo ukuthi kuzovakasha umyeni wakhe. Kuthiwa ufike ehamba nabesilisa abathathu abangabasolwa, omunye wabo oyinyanga.

“Sithole ukuthi baqala bazama ukumphuzisa ushevu okuthe uma bebona ukuthi uthatha kude ukuqeda ngaye babe sebemhlahlela ngocelemba, isidumbu sakhe basishiya khona lapho,” kusho uNkz Ngcobo. 

Uthi selokhu kwenzeke lesi sigameko ngoNhlolanja, bebengakaze baxhumane nomyeni kadadewabo njengoba ubebalekile engazihluphi ngokuxhumana nomndeni.

UNkz Ngcobo uthi udadewabo uze wafihlwa ekuqaleni kukaNdasa (March) kanti isitifiketi sokushona amaphoyisa abayalele ukuba bangasenzi ukunqanda ukuba umsolwa athole imali yamapholisi akhe.

Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCapt Nqobile Gwa-la, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa abophe abasolwa abathathu ngezinsolo zokubulala. 

Uthi umsolwa oyedwa ubanjwe ngamaphoyisa ezama ukweqa umngcele, ababili baboshwe eNquthu. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduzane. 

nomfundo@ila-nganews.co.za

Previous articleKwandile ukukokotela
Next articlebakhala ngokungaholi abalingisi behostela