Waxoshwa wumndeni ophase u-matric ena-31

5387

Uthi ubesizwa yimali yeqolo ukukhokhela umqasho abehlala kuwo

UYAZINCOMA ngesinqumo sokubuyela esikoleni eseneminyaka ewu-30 ubudala, wayofaka umfaniswano nezingane, uNkz Silindile Cele, ophase umatikuletsheni. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMFUNDO NGWANE
UZIBANGELE isigcwagcwa, wagcina “edingisiwe” wumndeni owesifazane waseMbumbulu, eThekwini ngesinqumo sakhe sokuphindela esikoleni eseneminyaka ewu-30 ubudala, emuva kokufeyila umatikuletsheni ngo-2008 eMangquzuka High School, ePort Shepstone, njengoba eze wawuphasa ngonyaka odlule kwesinye isikole. UNkz Silindile Cele (31), uthole umatikuletsheni wakhe eMzingezwi Secondary School, eNdwedwe, egqoka umfaniswano wesikole njengabo bonke abafundi. Wabuyela kwaGrade 11 ngo-2020, waphasa. Uthi yize waqala wayihlaya ezinganeni, kodwa kuyamjabulisa ukuthi iphupho lakhe lokuba nomatric lifezekile. Utshele ILANGA ukuthi isinqumo sokubuyela esikoleni samxabanisa nomndeni wakhe njengoba wawungayizwa le ndaba, uthi makayosebenza ngoba usezele futhi usekhulile ngeminyaka.


Wafeyila izifundo ezimbili, wazama ukuzichibiyela ngo-2009 kodwa waphinda wazifeyila. Uthi akaphelanga amandla ngoba ubenesifiso sokuthola isitifiketi sikamatikuletsheni ukuze afeze iphupho lokuba ngumhlengikazi. UNkz Cele uthi akasenabazali, ubehlala noninalume naye ongasebenzi, bedonsa kanzima. Uthi wazama ngo 2010 ukubuyela eMangquzuka eyoncenga uthishanhloko wakhona ukuba ambuyisele esikoleni, kodwa wamchitha. “Kangiphelanga amandla, ngazama eFET yaseMlazi, ngafunda unyaka owodwa ngashiya ngenxa yezinkinga zemali. Ngahlala phansi ngabona ukuthi into ezongisiza wukuthola itoho, ngizokwazi ukuziqhuba ngifunde. “Kube nzima nokuthola amatoho, ngagcina sengisebenza emizini yabantu ngigada izingane, ngihlanza nezindlu zabo. Imali engangiyihola ngangiyibeka ngoba ngangizimisele ngokuthi uma seyanele, ngizobuyela esikoleni.


“Ngo-2017 ngazifundisa ukushayela ngathola izincwadi ngemali ebengiyisebenza. Ngo-2019 ngabona kuFacebook kubhalwe ukuthi izikole ezisemakhaya ziyabathatha abantu abadala abafuna ukufunda. Ngasebenzisa lelo thuba, ngabheka izikole ezisemakhaya. “Ngabheka eMpangeni, ngasithola unyaka usuyophela ngizoqala ngo-2020, ngiyokwenza uGrade 11. Ngathenga umfaniswano wesikole emasekenini ngemali yamatoho engangiwabamba. “Kuthe ngoLwezi (November), sengisitholile isikole nendawo engizoqasha kuyona, ngathola ukuthi nginezinyanga ezimbili ngizithwele.

“Ngahlala phansi, ngazibuza ukuthi kodwa yibhadi lani leli, sonke lesi sikhathi bengihleli ekhaya ngingafundi, bengingakhulelwa, kodwa sengizokhulelwa ngoba sengithole isikole! “Ngafikelwa wukuthi ingane iyisipho esivela kuNkulunkulu, ngayamukela ngezandla ezimhlophe, ngathi kodwa ngeke liphazamiseke iphupho lami,” esho. Uthi zavulwa izikole ngo-2020 ezithwele, waya isonto elilodwa esikoleni, watshelwa ukuthi uthishanhloko wesikole uyabaxosha abafundi abakhulelwe, uxolela abakamatikuletsheni kuphela. “Ngashiya phansi ngabuyela ekhaya, kangizange ngililahle ithemba, ngazama ukuthola esinye isikole eNdwendwe. Ngafonela uthishanhloko wesikole ngamtshela ukuthi ngineminyaka ewu-30 nginesifiso sokubuyela esikoleni. “Akazange angihluphe, wathi mangize ngakusasa esikoleni, ngenhlanhla ngasithola isikhala.


“Bangithatha nje ngizithwele. Nganquma ukuthi ngizosifihla isisu ngize ngiyobeletha. Ngangigqoka amahembe amakhulu, ngasizwa nawukuthi nginomzimba omkhulu. Ngafunda ngokuzimisela nokuzikhandla, izingane zingihleka ukuthi ngimdala. “Angikugcinanga ekhanda lokho ngoba ngangazi ukuthi ngifunani. Bengibizwa ngoMaCele esikoleni ngenxa yokuthi ngimdala. Bengaziwa isikole sonke. “Abanye othisha abebengifundisa, bebengaphansi kwami ngokweminyaka yobudala, kodwa konke lokho bengingakubekile ekhanda futhi ngibahlonipha. “Kungisizile kakhulu ukuvalwa kwezwe ngo-2020 ngoba ngakwazi ukufundela ekhaya nesisu kwaze kwafika isikhathi sokuyobeletha. Othisha baze bezwa ngami sesibuyele esikoleni ukuthi bengikhulelwe.


“Ngawuphasa kahle uGrade 11. Bese ngifunda kanzima sengikwaGrade 12 ngenxa yokuthi bese kunengane okumele ngiyinakeke le. Bengisizwa yimali yayo yeqolo ukuze ngikwazi ukukhokhela indawo ebengiqashe kuyona, ngihlala nayo ingane yami. “Ngibonga othisha abakhombise ukungeseka esikoleni ebengifunda kusona. Ngababikela lonke udaba lokuxakeka kwami bazwelana nami. “Ukudla ebengikudla emqashweni bengikuthatha esikoleni, othisha bangikhulula ukuthi ngiphake izitsha ezimbili ebengisidla esikoleni esinye ngisidle ekhaya. Ngempelasonto bengidla iphalishi lengane,” kusho uNkz Cele. Uthi njengamanje ubhekene nobunzima bokuthi akasitholi isikole azofunda kusona njengoba enesifiso sokuba ngumhlengikazi. Uthi ezindaweni afake kuzona izicelo, bamchithile kodwa akalilahlile ithemba.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleIndida ngokubulawa kwekhansela elisha
Next articleObesejovwe wukulima ushiye enyuvesi