SKHOSIPHI MTHEMBU
WESABA ngisho ukuphumela ngaphandle owesifazane (28) waseKlaarwater, eMariannhill, othi udlwengulwe ngabesilisa ababili basendaweni beshintshana ngaye ngeledlule, emuva kwalokho iphoyisa lamkhuthaza ukuba amukele u-R20 000 kubasolwa ukuze asule icala.
Lona wesifazane, ongeke adalulwe ukumvikela, uthi okumphatha kabi yimpatho ayithole emaphoyiseni emuva kokuba elinye lamaphoyisa limbuze ukuthi angalisula yini icala uma abasolwa bengakhipha u-R10 000 umuntu ngamunye.
Ekhuluma neLANGA, uveze ukuthi selokhu kwenzeka lesisigameko, uyesaba ngisho ukuma egcekeni. Uthi omunye wabasolwa ngumuntu abejwayele ukuhlala naye, kwazise bahlala nga-ndawonye, uthi bamdlwengule ngoba bethi uyazitshela. Elandisa ILANGA, uthi indaba iqale ngokuthi bahlale ndawonye bazijabulise ngeziphuzo njengenjwayelo. Kuhambe isikhathi kwavunyelwana ngokuthi kuzoqhutshekwa kuhlalwe kubo komunye wabasolwa, kuqhutshekwe nokuzijabulisa ngeziphuzo.
“Ngahamba nabo (abasolwa) saya kubo komunye wabo njengoba besazana futhi omunye wabo bengimjwayele kakhulu, efana nomngani wami. Safika endlini yakhe wavusa abafowabo ababe-lele egunjini lakhe wabakhipha, sasala naye nomunye wabangani bakhe. “Ngangizitshela ukuthi sizohlanganisa imali bese kuyothengwa njengoba bekuye kwenziwe. Oyedwa wabo wavula umsakazo kakhulu maqede wangibhozomela, wangibamba izandla, omunye wangikhumula ibhulukwe.
“Ngazama ukulwa, kodwa ngehluleka, bangidlwengula beshintshana ngami. Sebeqedile omunye wabo waxolisa wangitshela ukuthi inkinga yami wukuthi ngiyazitshela, yingakho bengishaye isitimela. “Bangishiya endlini ngasala ngabheka izimpahla zami, kodwa lutho ukuzithola, ngabe sengithatha ibhulukwe engicabanga ukuthi ngelalona esasikubo ngagqoka lona. Ngaphuma ngejubane endlini, ngabaleka ngaze ngayofika ekhaya,” kusho lona wesifazane.
Uthi wabe esebikela umakhelwane wakhe oyiphoyisa, okunguyena owamyisa emaphoyiseni.
“Into engicasule kakhulu wukuthi ngesikhathi siphuma esibhedlela ngiqeda kuhlolwa, iphoyisa engangihamba nalo labuza ukuthi uma (abasolwa) bengakhipha u-R10 000 umuntu ngamunye, ngingavuma yini ukusula icala.
“Ngalitshela ukuthi kangiyifuni imali yabo, kodwa ngifuna babhekane nomthetho. Kwadlula izinsuku laphinde langishayela ucingo iphoyisa, labuza ukuthi ngizophatheka kanjani uma ngibona (abasolwa) bephuma ngebheyili njengoba ngenqabile ukuthatha imali.
“NgeSonto lifike ekhaya lizolanda izimpahla zomunye wabasolwa engabaleka ngizigqokile, langitshela ukuthi icala kalisaphethwe yilona. “Kuze kube manje, kangazi icala likuphi futhi liphethwe ngubani. Ngisaba ngisho ukuphuma endlini, ngoba ngizwa kuthiwa omunye (wabasolwa) uke waphathisa ukuthi ngizofa ngoba ngenqabile ukuthatha imali,” kusho lona wesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe ukhona umsolwa oneminyaka ewu-34 oboshiwe ngecala lokudlwengula, wathi uvelile eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu, uzobuyela kuyona le nkantolo maduze.