Wenqatshelwe ukubhala u-matric esolwa ngokulova

204

THANDOLUHLE NGUBO 

UYABALISA umndeni womfundi wakwaGrade 12, eQhilika High School, Kwa-H, eMlazi okuthiwa unqatshelwe nguthisha-nhloko wakulesi sikole ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka. 

Ngokuthola kweLANGA, uSlindile Nkosi (19) unqatshelwe ukubhala iphepha lokuqala lesiNgisi ngoMsombuluko ngoba kuthiwa uyalova esikoleni. 

Unina omncane, uNkz Snegugu Nkosi, utshele leli phephandaba ukuthi uthishahloko wabatshela ukuthi akasamdingi uSlindile esikoleni ngoba uyalova, amamaki akhe kawekho mahle futhi usemdala.

“Kuyamangalisa ukuthi uthishanhloko athi ingane iyalova ekubeni ngingakaze ngitshelwe uma ngiyoyilandela imiphumela. Nakuyo imiphumela, kazibhaliwe izinsuku okuthiwa izilovile. Ingane iphuma lapha ekhaya zonke izinsuku, iye esikoleni,” esho.

Utshele ILANGA ukuthi uSlindile wanqatshelwa nokuthola i-timetable nenombolo yakhe yokuhlolwa, wayishuthelwa ngomunye uzakwabo. 

Elandisa leli phephandaba uSlindile, uthe eyokuxoshwa kwakhe esikoleni kade kwasa uthishanhloko eyihlongoza. 

Uthe ngemuva kokubuya ekhefeni lehlandla lesithathu, wafonelwa nguthisha wezibalo, emyalela ukuba afike nomzali esikoleni ngoba amamaki akhe ehlile.

“Saya esikoleni nomama kuwuMsombuluko. uthisha wezibalo wayengekho, kwase kuthiwa masikhulume nothishanhloko. Sangena ehhovisi lakhe, wabe esengiyalela ukuthi ngiphumele ngaphandle akhulume nomzali wami. 

“Ngemuva kwesikhashana, weza kimi, wangibuza ukuthi ngifuna ukufundelani, ngathi ubuthishela. Wathi amamaki ami kawangivu-meli. Ngamtshela ukuthi ngithanda lokhu okufaka ukupheka phakathi (hospitality), wabe esetshela umama ukuthi makangifunele i-FET engizofunda kuyona nontanga bami, akasangidingi esikoleni, sengimdala,” esho.

Utshele ILANGA ukuthi wathi esexoshiwe, waphinde waya noyise esikoleni ngeledlule, kodwa uthishanhloko wahlala emazwini akhe, okuthi makafune i-FET azofunda kuyona ngoba akasamfuni emagcekeni esikole. 

Uthe wabuza kuyise omdala onguthisha kwesinye isikole, ukuthi uyaxoshwa yini umfundi wakwaGrade 12 esezobhala, wathi cha.

“Kwathi uma ubaba etshela uthishanhloko ukuthi utheni ubaba omdala, wathi mhlawumbe (ubaba omdala) usho njalo ngoba isikole afundisa kuso sithola iphesenti elincane emiphumeleni yakwaGrade 12,” kusho lo mfundi. 

Ukuchithile ukuthi isizathu sokuxoshwa kwakhe wukulova. 

     ILANGA likhuluma nothishanhloko wesikole, uMnu Nkosi (elingatholakalanga igama), uthe umfundi makaye esikoleni ayo-bhala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Shile Mlotshwa, uthe umnyango uluzwile lolu daba.

“Sixhumanile nesikole, sathembisa ukusithumelela umbiko ogcwele. Kasivumelani nokuxoshwa kwezingane, ikakhulukazi kulesi sikhathi sokubhalwa kwezivivinyo,” kusho uMlotshwa.   

www.ilanganews.co.za  

Previous article“Ubanjwe” ebhalela omunye umfundi umatikuletsheni
Next articleUNGAPHUTHELWA YILANGA LEMPELASONTO (04 November 2023)