Wesaba ukufa owabulala abangani

634

INTATHELI YELANGA

UMLISA waseNingizimu Afrika, ofunwa uthuli e-Ireland mayelana necala lokubulala abantu ababili kuleliya lizwe ngo-2014, uthi uyesaba ukuthi uma eyiswa kulona, uzobulawa. uNeville van der Westhuizen (41) (osesithombeni nesinqandamathe sakhe), ubevele eNkantolo yesiFunda yaseThekwini izolo mayelana nokuthi aweliswe, ayiswe e-Ireland. Ngokubika kweNews24, uNeville ovele usedonsa isigwebo seminyaka ewu-15 ngecala lokubulala, ubethungathwa ngamaphoyisa ophiko lwe-Interpol ngoLwezi (November) nyakenye, aze amthola ejele laseWestville, eThekwini. Ngokweziphathimandla zase-Ireland, uNeville nesinqandamathe sakhe – sakhona e-Ireland – uRuth Lawrence (42), babulala abangani babo, u-Elion O’Connor (32) no-Anthony Keegan (33) ngoNhlaba (May) 2014 kuleliya yalizwe ngaphambi kokucela empunzini, babuyela kuleli. Izidumbu zababafi kuthiwa zatholwa ethuneni elingajulile, zisongwe ngo-plastic.

URuth waboshwa ngoMfumfu (October) nyakenye, wabuyiselwa kwelakubo. Izolo enkantolo, ummeli kaNeville, uNtando Cele, unxuse inkantolo ukuba iluhlehlise okungenani amasonto awu-6 udaba ukuze axhumane nekilayenti lakhe, futhi athole nethuba lokubhekisisa izincwadi ezimbili ezifungelwe athi ubesanda kuzithola. “Lezi zincwadi ngezomhla ka-17 no-18 kuNcwaba (August), kodwa size sazi ngazo ngoMandulo (September), sekusele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuba kuqale udaba (enkantolo),” kusho uCele. Usole umbuso ngokushaya ngolonwabu ukudlulisela lezi zincwadi ohlangothi lwekilayenti lakhe.

Uqhube ngokuthi ikilayenti lakhe lisongelwa ngokubulawa. “Litshelwe ukuthi lizoyiswa kwagoqanyawo kungakapholi maseko lithe cababa e-Ireland. Laba abathi bazolibulala, bathi banobhululu emajele ase-Ireland,” kusho uCele.
Ummeli wombuso, uNaveen Sewpersad, ukuphikisile ukuhlehliswa kwecala, wathi abammeli bakaNeville babenesikhathi esanele ukubhekisisa lezi zincwadi ezifungelwe. “Ake ngikhumbuze umhlobo wami oyisifundiswa (uCele) ukuthi izincwadi zalolu hlobo ziye zihambe imigudu eminingi, okuye kuthathe isikhathi. Ngizothanda ukumxwayisa-ke futhi ukuthi awacwecwe amagama akhe. Ukusola kwakhe umbuso ngokuthi ugodle lolu lwazi olubaluleke kangaka, akunasisekelo,” kusho uSewpersad.

Emuva kokuqagulisana phakathi kombuso nabammeli bakaNeville, imantshi – emuva kokuqaphela ukuthi lolu daba selubambezeleke isikhathi eside – inqume ukuyichitha indaba yokuhlehliswa kwalo, yathi umbuso mawuqale ukuthethwa kwecala. Udaba lube seluhlehliselwa inamuhla ngoLwesihlanu, kanti nalapho uNeville uqhubekile nokuphikisana nokuyiswa kwakhe e-Ireland. Namuhla, udaba lugcine luhlehliselwe inyanga ezayo.

Previous articleThola ILANGA Lempelasonto kusasa
Next articleQinisekisa “impilo” yesitho sangasese somntwana