Wethemba inkantolo ukuba imbuyisele ekuholeni iMK

164

THANDOLUHLE NGUBO

KUSALOKOZA inhlansi yethemba kuMnu Jabulani Khumalo (okwesokunxele esithombeni) ngokuthi iNkantolo yezoKhetho eNingizimu Afrika izomvuna ukuba abuyele esikhundleni sakhe sokuhola Umkhonto Wesizwe Party (MKP), njengoba kunguyena owabhalisa leli qembu. Kulindeleke ukuba uKhumalo  aye kule nkantolo kusasa ngoMsombuluko emuva kokuxoshwa kwakhe namanye amalungu aleli qembu ayesesigungwini esiphezulu ekuqaleni kwenyanga eyedlule.

Ngemuva kokuxoshwa kwakhe, ufake amaphepha kule nkantolo, esola uMnu Jacob Zuma ngokumbophela amanqina enyathi ngoba efuna ukuthatha isikhundla sakhe sokuhola leli qembu. 

Ngasekuqaleni kwenyanga ephelile, uKhumalo ubhalele i-Electoral Commission of South Africa (IEC) ecela ukuba isuse uZuma ohlwini lwabangase bayomela leli qembu ephalamende ngemuva kokhetho obelungoLwesithathu. 

Kule ncwadi uthe ngokwesivumelwano phakathi kwakhe noZuma, uMsholozi ube-ngeke athathe sikhundla kodwa bekuzosetshenziswa ubuso bakhe emikhankasweni yeqembu. 

I-IEC isichithile isicelo sikaKhumalo, yathi ngokwamarekhodi ayo, umholi waleli qembu obhalisiwe nguZuma. 

Iveze ukuthi uKhumalo uyibhalele incwadi eyazisa ukuthi uyasula ekuholeni iqembu, ubeka uZuma ngokusemthethweni. 

Emaphepheni afakwe nguKhumalo kule nkantolo, uyicela ukuba ibuyekeze isinqumo se-IEC, esithi nguZuma umholi weMKP. 

Previous articleLivele enkantolo ikhansela “elishaye” abeMK kubangwa izihlalo
Next articleUmhlaziyi ubona kungasebenza ukubambisana kweMK ne-IFP KwaZulu-Natal