Izovovana inkani neChiefs koweNedbank Cup ngeSonto
MFANAFUTHI NDLOVU
WETHE-MBISA into yamehlo umnikazi we- Royal AM uShauwn “MaMkhize” Mkhize ezovovana inkani neKaizer Chiefs kwiquarter final yeNedbank Cup nge-Sonto ngo-18h00 eChatsworth Stadium, eThekwini. Yizinkani zababili njengoba kuhlale kusiphuka izidindi ngaso sonke isikhathi uma la makilabhu ebhekene. UMaMkhize (osesithombeni), ekhuluma neLANGA izolo ngoLwesithathu, uthe abalandeli bazobhema bakholwe yibhola elizokhonjiswa ngabadlali bakhe kwazise bafuna ukufinyelela kowamanqamu. “Ngenhlanhla enkulu ngiya kulo mdlalo ngelikhulu iqholo kwazise emdlalweni wethu wokugcina weligi sikwazile ukubuya namaphuzu agcwele, okwenza kube nomoya wobunye ekhempini.
“Uma ubhekene neChiefs kawudingi ukugqugquzela abadlali, konke kuyazenzekela enkundleni. “Yithuba labadlali bethu lokuziveza ukuthi baphetheni ebholeni lakuleli. “Ngangishilo nasekuqaleni ukuthi ngifisa ukukhunjulwa njengomnikazi wekilabhu oqhamuke nonyawo olusha ukuvusa ibhola elithandwa yibona bonke abantu. “Nginesiqiniseko sokuthi kuzodlalwa ibhola elihle ngoba sobabili sicishe sidlale ibhola elifanayo, eligijimayo,” kusho uMaMkhize. Uthi nakuba engakagculiseki ngokuphelele ngezinga lezakhe, ikhona inhlansi yethemba. “Ngiyazi ukuthi ekuqaleni kwesizini izinto zike zangahamba kahle kodwa manje ithemba likhona. “Inhloso yami wukuthi ikilabhu ingabi nankinga ukunqoba imidlalo emihlanu ilandelana, nginethemba lokuthi abafana bami bazokwenza lokho.
“Sibanabadlali abaningi abebelimele obekukhinyabeza izinhlelo zeqembu. “Okungijabulisayo wukuthi manje sesiyakwazi ukuvala emuva.” Uthi unozinti wabo uHugo Nyame odabuka eCameroon akabonakali ezintini nje, yingoba usalimele. Ube esenxusa abalandeli ukuba baphuthume bathenge amathikithi okubuka lo mdlalo eTicketpro, kwaSpar, eBP, eCaltex, eSasol, eShell, naseTotal, kanti abiza u-R60.
mfanafuthin@ilanganews.co.za