Yehheni! Umxosha kanjani umuntu entweni yakhe?

466

NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI

NGIZWA ngandlebenye ukuthi amalungu ekomiti eliqondisa ubugwegwe eqenjini likamnewethu, uPhilani Godfrey “PG” Mavundla (osesithombeni) – leli elingangale moto okuthiwa yiBajaj, i-ABC – agodola sengathi wuJuly, phakathi nawo impela, ngenxa yokuthi angase akhonjwe indlela. Phela la malungu ahlokoloze inkanyamba emgedeni, axosha umfo kaMavundla eqenjini lakhe. Uyazi anesibingi esingangesenkomo! Ungathi umfo kaMavundla eseguduze ehlane njengoMose, esuka ko-ANC wadlula koNFP waze wazisungulela leli khosombana lakhe, wona aseyamxosha kulo! Athe gede, hamba khaya, asisakufuni njengomengameli wethu. Eqenjini likabani lona? Hheyi asekhohliwe ukuthi umfo kaBhembe kade kwasa ehuzuka kwezepolitiki. Sewake waba yimeya yaseMvoti, wayoba yisekela lemeya eThekwini, bamxosha ngoba kuthiwa usebonakala njalo ukudlula imeya, uMnu Mxolisi Kaunda, njengoba esebuyele eMvoti. Sekusele ukuthi abe yimeya yaKwaMchunu-Natal noma eyaseSouth Africa. Manje kuthiwa umfo kaBhembe, uNzima, okaSnakanaka kaNtendeni, usebize umhlangano ophuthumayo weqembu, ozokuba kusasa lokhu okusayo, okuyikho okusolisa ukuthi izimambana lezi zekomiti zingase zikhunjuzwe ukuthi akukhona emakubo kwi-ABC, yikwaMavundla, ngakho-ke iqhude neqhude alikikilige kubo, hhayi emzini wakoBhembe. Akabhenywa phela uVundlo, uyaxoshana. Nakhu nje uxoshe amakhansela awu-9 eMvoti okukhona kuwo naninalume or umshana – angisakhumbuli kahle – iMeya yaseMzinyathi, uMfu Petros Ngubane. Awu kodwa ngoMbovu madoda ezilungele kanje, akasanikwa nje noma i-yellow card yokumxwayisa, umane ujukujelwa nge-red card! Niyasibona-ke isibindi sikaPhilo malungu ekomidi? Ukwazi ukuxosha ngisho inceku yenkosi, akadlali nezingane.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

Previous articleThola ILANGA kusasa
Next articleKumele ibhekisiswe le ndaba ye-ANC