Zibakitazile izindaba zekhefu lemeya eMnambithi

1167

Undunankulu uthembise uphenyo olusheshayo

SKHOSIPHI MTHEMBU noJOHN HLONGWA 

UMGWAQO ongenela eZakheni, eMnambithi, ubusavalwe ngamatshe
ngoLwesihlanu. IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

KUQHUME umkikizo, wagiya emgwaqweni  umphakathi waseMna-mbithi ngesikhathi kumenyezelwa izindaba zokuthi imeya kamasipala, i-Alfred Duma, izothatha ikhefu lezinyanga ezimbili lokugula. Izindaba zokuthatha ikhefu kwemeya zimenyezelwe emphakathini yinhlangano elwela amalungelo abantu, Ubumbano Lokuthula, obekuyiyona ebimele umphakathi ezingxoxweni noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.  Kuze kube nalezi ngxoxo nje besekuphele isonto lonke umkho-nto ubhajwe enxebeni, kunganya-kazi lutho eMnambithi, umphakathi uphoqa imeya, uMnu Vincent Madlala, ukuba yesule esikhundle-ni ngoba umsola ngenkohlakalo nangokuthinteka odlameni lwamatekisi. Indlela isimo ebesishube ngayo kusukela ngeledlule, ngisho izingane beziphoqeleka ukuba zihlale emakhaya, zingayi esikoleni ngenxa yakho ukushuba kwesimo. Ngalo isonto eliphelile kuke kwashiswa namaloli esigcine si-ngavelanga kahle isibalo sawo ukuthi mangaki ashile. ILANGALangeSonto lihambele kule ndawo ukuzibonela isimo kanti cishe zonke izikole bezisava-liwe ngoLwesihlanu. Umgwaqo ongenela eZakheni, khona eMnambithi, ubusavalwe ngamatshe kubonakala ukuthi lukhulu kade lwenzeka. Izimoto bezihamba eceleni njengoba kwezinye izindawo amatshe ebesagcwele umgwaqo. Amanye amalungu omphakathi abephoqeleke ukuba ahambe ngezinyawo, esuka ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzona iSteadville, okuyilokishi eliseduzane nalo leli dolobha. UMnu Andile Hlatshwayo, woBumbano Lokuthula, obemele umphakathi kulo mhlangano obunondunankulu, uthe kuyabajabulisa ukuthi undunankulu ulusukumele ngokushesha lolu daba. “Siyasemukela isinqumo sokuba uMnu Madlala athathe ikhefu lokugula izinyanga ezimbili, ayophumula ekhaya. Ziningi izinto ebesingeneme ngazo okuhlanganisa inkohlakalo lapha kwamasipala nokugamanxa kwakhe ezindabeni zamatekisi.  “Siyafisa ukwazisa umphakathi ukuthi amanzi akade evaliwe asevuliwe. Inkohlakalo esikhale ngayo undunankulu uthembise ukuthi uzosungula ithimba elizophenya zingakapheli izinsuku ezingu-14. Okhulumela uMnyango weze-Mfundo esifundazweni, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe: “Sizolwa ngokusemandleni onke ukuthi isikhathi esilahleke kubhikishwa siyasikhava. Sizozama ukwenza umakilasi asekuseni kanye nawa-ntambama. Imininingwane emi-ningi asikazukuyikhipha manje.”  UNdunankulu uZikalala esitatimendeni sakhe, uthe: “Siyabonga ngesinqumo esithathwe yimeya sokuhlaba ikhefu lokugula izinya-nga ezimbili. Simfisela ukululama okusheshayo.  “Sivumelene nabantu baseMna-mbithi ukuthi isimo asibuyele kwesejwayelekile. Uphenyo ngezi-nsolo zokukhwabanisa nezokungaphathi kahle sizoziphenya zingakapheli izinsuku ezingu 14.”  skhom@ilanganews.co.za

 

 

 

 

 

 

 

Previous articleIChiefs ihlela ukuvuka ngeWits
Next articleOwoKhozi nengoma kamaskandi ebhingqayo