ZIBALIWE EZIKAMPONTSHANE KWI-BUCS

715

SENZO SOKHELA

ZIBALIWE izinsuku kunozinti we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi le kilabhu isezinhlelweni zokumdedela. 

Inkontileka kaSiyabonga Mpontshane (33) (osesithombeni) odabuka eNgwavuma, KwaZulu-Natal ongunozinti weBucs, iyaphela uma kusongwa le sizini. 

UMpontshane ujoyine iBucs ngo-2015 esuka kwiPlatinum Stars esiyaziwa ngeCape Umoya United esigijima kwiGladAfrica Championship. 

Selokhu efike kwiBucs akakaze abe ngunozinti wokuqala kuhlezi kuchitshiyelwa ngaye. 

Njengamanje imidlalo yeligi isamisiwe ngenxa yaleli gciwane le-corona

Nokho leli phephandaba lithole ukuthi uMpontshane ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe uma iphela. 

“Njengoba inkontileka kaMpontshane iphela nje abaphathi sebenqumile ukuthi ngeke yelulwe. 

” IBucs imatasa ithungatha onozinti ababili ezovala ngabo izikhala.

“Konozinti okuvela ukuthi ibabhekile nguSiyabonga Mbatha wamaZulu noRichard Ofori weMaritzburg United. 

“Kuvalelwe leli gciwane nje, iBucs ibisibeke iceleni imali efuna ukuthenga ngabo laba badlali ngoba iyabona ukuthi iyaxega emapalini. 

“Usihlalo weBucs, u-Irvin Khoza nguyena osingethe lolu daba,’’ kusho umthombo. 

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi inkontileka kaHappy Jele (33) ongukaputeni nayo ephelayo ngoNhlangulana, izokwelulwa ngomunye unyaka.

Kuthiwa uKhoza usekuqinisekisile ukuthi lo mdlali usazoba yingxenye yale kilabhu nangesizini ezayo.

Previous articleuchithe izinkunzi umdlali we-highlands park
Next articlekumiswe umengameli we-sascoc