Babodwa abafisa ngisho ukuyeka ngenxa yoshinto ezinhlelweni
MTHOBISI SITHOLE
KUPHELILE ukuqagela ngezinguquko zokushintshwa kwabasakazi nezinhlelo emsakazweni uKhozi FM. Lokhu kuqinisekiswe wukudedelwa kohlu lwezinguquko okukhuze ibuya ngisho uKhetha “KSG” Gwala, obekade esedidiyela umculo ezinhlelweni zesiteshi. UKhetha Gwala unikezwe uhlelo lwangoMgqibelo oluzongena ngo-3 ntamba kuya ku-6. Ezinguqukweni ezibikwe yileli phephandaba ngeledlule, kufakazelekile ukubuyiselwa kukaKhathide “Tshatha” Ngobe ohlelweni lwantambama kusukela ngo-3 kuya ku-6 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngokubambisana noSelby “Selbyonce “ Mkhize.
Kuke kwabanzima nyakenye kwabanye abasakazi njengoba nakulo nyaka lithathe osemsamo lamubeka emnyango, lathatha osemnyango lambeka emsamo. USiyabonga Mhlongo, okhishwe emoyeni, usezobhekana nokufakwa kwezinhlelo online, kanti uBheka “Beekay” Mchunu ugudluziwe phakathi kuka-12 emini kuya ku-3 ntambama njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, kwangena uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ozobambisana noSifiso “King Sifiso” Sibiya. UBeekay uzokwenza uhlelo lomculo wesintu ngoMgqibelo, uSbu Buthelezi akashintshwanga ngeSonto kanti uSipho “DJ Sgqemeza” benoNonhlanhla “Mroza” Buthelezi, abashintshwanga ekuseni.
UDudu “Lady D” Khoza naye akaphazanyiswanga ohlelweni lwakhe, usalokhu elubambile. Lezi zinhlelo zihamba phambili kulesi siteshi ngokuthandwa ngabalaleli balo msakazo nangokwezibalo. UTshatha noSelby bobabili bake balusakaza lolu hlelo ngokubambisana eminyakeni edlule, lwagila izimanga ngezibalo zabalaleli njengoba sebekhuza ibuya. Kusukela nyakanye, uTshatha ubekade esesakaza ebusuku ngeSonto nangoMgqibelo ngo-12 kuya ku-3, emuva kwezinxushunxushu zakhe neSABC, njengoba ayesolwa ngokubhala inkulumo eyaqhatha isiteshi nabalaleli ezinhlakeni zokuxhumana ngesikhathi ethi ngonyaka ka-2005, kwakufanele ingoma ehlukanisa unyaka kube ingoma ethi, “Ngafa” kaShwi noMtekhala esikhundleni seMalaika. Wabe esedilizwa ezinhlelweni ezinkulu.
Uhlelo lweTop 20 abelwenza, kuthiwa luzothathwa nguMandla “Njinji” Magwaza. NgoMsombuluko kuya kuLwesine phakathi kwamabili ngo-00:00 kuya ku-03h00, kuzongena uNkosinathi Mshengu. Ngakolunye uhlangothi kuMhlobo Wenene FM, kalwenziwanga ushintsho kumaskandi njengoba kubuyiselwe uMonwabisi “Gudla” Bangi ngoMgqibelo. mthobisis@ilanganews.co.za