Zibulawe phambi kukanina nezingane izelamani

1153

Abomndeni basola umona ngoba bekubonakala uvuka umuzi

NOMFUNDO NGWANE

ukhala uyazithulisa umndeni ongenelwe yizigilamkhuba zadubula zabulala izelamani. 

ZIDUTSHULWE zabulawa kubuka unina nezingane zakwabo izelamani zakwaHlela, eMnambithi ngoMgqibelo ebusuku, okusolwa umona ngokubulawa kwazo kwazise omdala ubesethole umsebenzi, esebenza kahle. 

UMnu Siyabonga Hlela (28) nomfowabo uMnotho Hlela (11), badutshulwe ngabantu abangaziwa, okuthiwa baqede ukubabulala bashaya bachitha bengathathanga lutho. 

UNkz Nontobeko Hlela ongudadewabo walezi zelamani obekhona ngesikhathi zibulawa utshele ILANGA ukuthi ukubulawa kwazo kuhlobene nomona njengoba uSiyabonga odutshulwe ngezinhlamvu eziwu-10, ubesethole umsebenzi, esevuse ikhaya ebelidonsa kanzima. 

“Sife olwembiza ngokubulawa komfowethu obeyikho konke ekhaya, efana nobaba kithina umama ethembele kuyena. Sibawu-7 izingane zikamama, ubaba washona sibancane, sikhule ekhaya sihlupheka silala singadlile, sicela komakhelwane, sihlala endlini enekamelo elilodwa enethayo. 

“USiyabonga ubesanda kuthola umsebenzi, wakhela umama indlu engakapheli, sekusele ukuthi kufakwe uphahla. Umuzi wakithi ubusuvukile, sesilala sidlile zonke izinsuku, singasaceli komakhelwane nomama ejabule. 

“Bebebambisene nomama bakha ngemali kaMnotho yeqolo, naye lo obulewe. Kuphelile ngathi, kasazi ukuthi sizothathani siyihlanganise nani njengoba sekuzophela imali kaMnotho noSiyabonga esebulewe. Yingakho ngithi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomona wabantu abebedinwa wukubona ukuthi uSiyabonga uvusa ikhaya,” kusho uNkz Hlela.

Uthi bekuyizithuba zabo-6 ntambama umndeni wonke uphelele nezingane zakubo bebuka umabonakude. 

“Sibone kuvuleka isicabha kwangena umuntu wesilisa esingamazi. Ufike wama phambi komnyango wangakhuluma lutho, wasibuka sonke emehlweni. Uphume ehlehla, wakhuluma nomunye emnyango obecashile esingambonanga, wamnika isibhamu wadubula ebhekise ngakuSiyabonga. 

“Uqale wamdubula amahlandla awu-6, waqeda lapho waphuma engakhulumanga lutho. UMnotho ugijimile wayobamba uSiyabonga ngoba embona ukuthi usaphefumula, wakhuluma naye emncenga ukuba angafi. Ngaleso sikhathi sonke besesicashe ngaphansi kosofa. 

“Umbulali ubesakhona egcekeni, uzwile uMnotho ekhuluma nomfowethu, wabuya waphinda wamdubula amahlandla amane kwaba wukuthula kwakhe. Uqede lapho wajikela kuMnotho, wamdubula amahlandla amane. 

“Ababulali bahambe egcekeni sebeqinisekisile ukuthi uSiyabonga useshonile,” kusho yena. Utshele leli phephandaba ukuthi umfowabo ubelungile, engaphuzi futhi engabhemi. 

Uthi bekuthi uma engayile emsebenzini ahlale ekhaya enze imisebenzi yasegcekeni, aphume ngoba eya emsebenzini noma esontweni. Uthi kabakholwa ukuthi kukhona isitha abenaso, yingakho bethi abantu abenze le nto bebedinwa wukuthi useyasebenza, usevuse ikhaya.

Uthi isimo sikanina sibi, sebesaba nokuthi uzogula ngenxa yalesi sigameko. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, beku-ngakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

nomfundo@ilanganews.co.za 

www.ilanganews.co.za

Previous articleKushubile iBucs iqhathwa neChiefs
Next articleOwodumo kwiChiefs kwelokugwaza umfundi