ZIBULAWELWE EMQASHWENI IZINTOMBI EZIMBILI ZEPHOYISA

1239
NGUNKZ Njabulenhle Majozi (18) okusolakala ukuthi udutshulwe wabulawa yisoka lakhe eliyiphoyisa esemqashweni walo.

JOHN HLONGWA
UKHIHLA isililo uNkz Nonjabulo Majozi ngengane yakhe, uNkz Njabulenhle Majozi (18) edutshulwe yashona ivakashele isoka layo yena obazi ukuthi sebahlukana nalo. UNjabulenhle udutshulwe noSthembile Ngobese (24) abatholakale emqashweni wesoka labo eliyiphoyia esiteshini samaphoyisa eHillcrest, sebeshonile. Ekhuluma neLANGA LangeSonto uNkz Majozi, ubekhala azaphathwe yisibibithwane, kuzwakala ukuthi into emehlele akayikholwa futhi iyamdina.Uchaze indodakazi yakhe njengomuntu obezilungele, ikhonze ukuzihlalela endlini. Ukhwele wadilika emaphoyiseni ewasola ngokungayivikeli ingane yakhe.


“Ingane yami ife okwenja, ibulawa yiphoyisa obekumele ngabe liyayivikela. Le ngane ngiyigcine ngoLwesine ebusuku ngemuva kokudla isidlo sakusihlwa ndawonye. Iphume iyolala, ngiyasola ukuthi lo mlisa uyiluthile, wayifonela yaphuma yaya emqashweni wakhe. “Uma ifika emqashweni, bekukhona enye intombi yakhe lo mlisa ebingumasihlalisane, ukuthi yini ebangiwe kasazi,” esho. Uthi ingane yababikela ngobudlelwano bayo nomsolwa kodwa ngemuva kwesikhathi, sebethole indlela aphila ngayo (umsolwa), bayeluleka ngokuthi ihlukane naye. Yakwenza lokho. “Waze wazibulala kabuhlungu umuntu izingane zethu, le abehlala nayo uyidubule amahlandla amane, eyami wayidubula amahlandla amathathu.

Lapha ngikhuluma ngamanxeba esiwabone ngamehlo, mhlawumbe uphenyo lusazodalula okunye. “Lezi zingane uzidubule phakathi kwamabili, wahlala nazo wabiza umngani wakhe ukuze bakhande icebo, amaphoyisa abizwe entathakusa, esebizwa ngomakhelwane. Bekungasekho ukufihla ngoba omakhelwane basizwile isibhamu siqhuma. “Nami ngifonelwe yibona. Ngizwe ubuhlungu ngibona ingane yami iqhunyiswe ukhakhayi ngesibhamu. Amaphoyisa yizinja, sigadwe yizinja, sikhokha intela ukuba siphephe kodwa leyo ntela sekubulawa ngayo izingane zethu,” esho ediniwe.

Imizamo yokuthola umndeni kaSthembile kayiphumelelanga njengoba kushaye isikhathi sokuloba izinombolo zomndeni wakhe zingakatholakali. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokubulala elivulwe esiteshini samaphoyisa eHillcrest. Umsolwa ugcinwe wuphiko olubhekelele amacala athinta amaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (IPID). hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUkholelwa emculweni onomyalezo uDearson
Next articleUKhuzani nohlelo lokuvakashela izikhungo ukuzwisa izitshudeni amazwibela