Zidonsa kanzima izikole zaKwaZulu-Natal ngenxa “yokukweletwa wumnyango

221

MTHOBISI SITHOLE

ITSHE lome inhlama ethala lezikole zaKwaZulu-Natal njengoba kubikwa kayikho imali yokuthi kuqhubeke kahle ukufunda nokufundisa, kuthengwe nezinsizakusebenza. Ngokuthola kweLANGA, kayikaze ikhokhwe imali yezikole obekulindeleke ukuba ingene ngoNhlangulana (June) kulo nyaka. 

Ezifundeni ezibhekene nenkinga kubalwa iZululand, uMzinyathi, uMkhanyakude, neKing Cetshwayo. Abanye othishanhloko bathi sebengene ezikweletini bezama ukuhlenga imfundo yezingane. Bathi kunzima uma sekufanele bakhokhelwe le mali. Basola inkohlakalo okuthiwa idla lubi eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal [osuphethwe nguMnu Sipho Hlomuka, ongungqongqoshe (osesithombeni)]njengoba nyakenye kuthiwa kunemali ecwilile, engafikanga ezikoleni. 

Omunye wothishanhloko besikole esikhulu esiseZululand, uthi esikoleni sakhe bekufanele athole u-R1.6 million nyakenye, wathola u-R250 000 phakathi nonyaka okuthe ngoMasingana (January) wakulo nyaka, wanikwa u-R50 000 ukuze kusebenzeke esikoleni. “Yonke imali okwakufanele ilekelele ekufundeni kayifakwanga, satshelwa ngabathile ukuthi kukhankaselwa ukhetho, inhlangano ethile yezepolitiki iyayifuna le mali yezikole. Usizi esibhekene nalo lunzima ezikoleni, sengifisa nokushiya ukuze ngithole ukuphumula,” kusho uthishanhloko.

Uveze nokuthi izikole eziningi kazisanikwa amandla okuzenzela konke ngesabelomali ezabelwe sona ngenxa yokuthi kunezikhulu emnyangweni ezinezinkampani, ezifuna ukuhlomula emalini yezikole. Uthe ziyingcosana izikole ezingaphansi kukasection C (ezinikezwa wonke amandla emalini ezabelwe yona). “Nazo lezo zikole kaziyitholanga yonke imali yazo. Besithe-mbile ukuthi njengoba sekwakhiwe uhulumeni wobanjiswano, kuzobakhona umehluko, ibhekisiswe le ndaba yokucwila kwemali yezinsizakufunda ezikoleni,” kusho yena.

Omunye wothishanhloko eMzinyathi, uthe emhlanganweni abenawo nezikhulu zomnyango emasontweni adlule, akuzange kucace ngesixazululo kule nkinga. “Izithunywa zomnyango zithe imali ibanjwe ngumgcinimafa kuzwelonke. Isizathu salokho kasaziwa,” esho.

Uthi le mali uma isikhokhwa ezikoleni, umnyango uyikhokha kancane kancane, enye icwile. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe imali ikhokhiwe ngoLwesihlanu (olwedlule), izovela emabhange ezikole maduzane.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuqolwa abazali ngegama lesikole esigila izimanga kumatikuletsheni
Next articleBazozitika ngezimpi abathandi besibhakela KwaZulu-Natal