Zifinyeziwe izinsuku zokuvota kokamaskandi ne-quantum

211

MTHOBISI SITHOLE

SEKUFINYEZWE izinsuku zokuvota kwindumezulu iMother of All Maskandi Festival, okubekwe kuyona isiteki seQuantum. Lokhu kuvezwe ngumgqugquzeli walo mcimbi, uMnu Eric Ngobe. Utshele ILANGA ukuthi ukuvota bekuzovalwa mhla ka-3 kuMbasa (April), kodwa sekuzoba wumhla ka-29 kwephezulu. Uthe lezi zinguquko zichaza ukuthi ukuvezwa kohlu lwamavoti abaculi, kuzogcina namhlanje ngoMgqibelo.

Uveze ukuthi inhloso yakho konke lokhu, wukuthi abathandi bomculo kamaskandi bathole ithuba elanele lokuzilungiselela ukuya emcimbini omkhulu mhla ka-6 kuMbasa (April), ePeople’s Park eMoses Mabhida eThekwini.

Utshele leli phephandaba ukuthi umculi onqobile nolale isibili, bazokwaziwa ngosuku lomcimbi ePeople’s Park. “Mhla ka-30 sizomemezela uhlu lwabaculi abawu-30 abafike esigabeni sokugcina beyingxenye yomncintiswano. Sizobe singa-memezeli uhlu lwamavoti ngokulandelana kwamaciko, sizomemezela abaculi abazobe bekhona emcimbini omkhulu eMabhida,” esho.

Uthe uma sekuphothulwe ukuvota, sekumenyezelwe wonke amaciko awu-30 azonandisa emcimbini, kuzoba namanye ayizivakashi, abengesiyona ingxenye yomqhudelwano. “Sigqamisa kakhulu abesifazane ngoba bona kabafakwanga emqhudelwaneni. Phakathi kwabo sizomema uVumile Mngoma, Izingane Zoma (ezisesithombeni) noBingelela Mpanza,” kusho uNgobe. Uthe amathikithi okuyobuka lo mcimbi aseyatholakala ezitolo kwaSpar naseTickets Pro ngo-R100 kanti awezicukuthwane aqala ku-R1 200 bese itafula lezicukuthwane ezinkulu, libiza u-R15 000.

Kulo mncintiswano impi yamavoti iphakathi kweKwaZulu-Natal namaciko ase-Eastern Cape. Ngesonto eledlule beziholwa nguGatsheni kanti namaciko ase-Eastern Cape kawazibekile phansi njengoba kubonakala Amawele kaMaMtshawe noTornado begila izimanga.

Ukuvotela umculi omthandayo ukuze abeyingxenye yabaculi abazonandisa emcimbini, uthumela umyalezo obhalwe igama lakhe kule nombolo: 44893

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIsekubhaceni inkosi “ethelwe isibhaxu” yiphoyisa
Next articleSekufakwe iSikebhe esikoleni sempi yezigodi