Zigadle ziphindelela izinswelaboya esikoleni

267

THANDOLUHLE NGUBO

UTHEMBISE ukuqinisa ezokuphepha  eTinley Manor Primary School, eVelani, KwaDukuza, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngemuva kokugqekezwa kuthathwe impahla yesikole. 

Kubikwa ukuthi lesi sikole sesi-ngenelwe yizinswelaboya izikhawu ezimbili esikhathini esingaphansi kwesonto. 

Ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer (osesithombeni), evakashele lesi sikole ukuyohlola umonakalo ngoMgqibelo, kuvele ukuthi ngoLwesithathu ebusuku izinswelaboya zangena ngophahla, zathatha impahla yesikole okubalwa kuyo nezindebe isikole esazithola emincintiswaneni.

 Kubikwa ukuthi ngoLwesihlanu ziphinde zagasela, zathathe o-ink bomshini wokuphrinta, izingcingo zesikole nemali yesitolo esisegcekeni laso. 

Ungqongqoshe uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi izikole sezingezinye zezindawo ezilula ukuhlaselwa yizinswelaboya. 

Uthe umnyango uzohlinzeka lesi isikole ngocingo olusha lokubiya.

Uncome amaphoyisa njengoba kuvele ukuthi bakhona ababoshiwe ngenxa yalezi zigameko. 

Ubike ukuthi ezinye izimpahla ezebiwe esikoleni, zitholakale komunye umizi owumakhelwane wesikole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa avule icala lokugqekeza, bekungakaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

www.ilanganews.co.za

Previous articleKufanele kushwelezwe uma intombazane ikhiphe isisu
Next articleUkubambisana kukahulumeni nabezimboni ezizimele kungadala amathuba kwabahleli neziqu