INTATHELI YELANGA
ZIGWETSHWE iminyaka ewu-7 zidonsa ejele izelamani zakwaGovender ngecala lokuzama ukubulala nelokushaya. Dylan noNed Govender, zigwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini namuhla ngamacala ahlanganisa elokuzama ukubulala nelokushaya ngenhloso yokulimaza.
Kuzokhumbuleka ukuthi laba phambilini bebebhekene necala lokubulala uMnu Mondli Majola ngesikhathi kunezibhelu ePhoenix, eThekwini ngoNtulikazi (July) ka-2021, kodwa ijaji, uMnu Gregory Kruger labakhipha phambili kulelo cala. UMnu Kruger waveza ukuthu umbuso uhlulekile wukuveza ubufakazi bokuthi lezi zelamani ziyathinteka ecaleni lokubulala uMajola.
Yize kunjalo kodwa wabathola benecala lokushaya ngenhloso yokulimaza nelokuzama ukubulala. Izibhelu zasePhoenix zasusa omkhulu umsindo ngenxa yesibalo sabantu abalimala abanye babulawa ngalesi sikhathi.
UMnu Majola yena kwavela ukuthi wabulawa kade ehamba nabanye besilisa abavinjwa ngabomdabu baseNdiya, bashaywa kanzima yena washona. Isidumbu sakhe satholwa sinamanxeba okugencwa, kanti kwavela nokuthi sasinenxeba lokudutshulwa. Lezi zelamani ziwaphike kwaze kwaba sekugcineni amacala.