Zihlukene phakathi izikhulu zeChiefs ngoChivaviro

521

SENZO SOKHELA

ZIHLUKENE phakathi izikhulu zeKaizer Chiefs ngodaba lukaRanga Chivaviro (30), ongumgadli wayo, ofike kule kilabhu kubhekwe lukhulu kuyena emuva komdo-nsiswano ngaye, kodwa lutho ukuyishayela amagoli. IChiefs ithenge lo mgadli ngetshe lemali kwiMarumo Gallants, egcine idliwa yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule. Imthenga nje, kube nomdonsiswano othathe amasonto ngaye njengoba 

iRichards Bay ibithi ungumgadli wayo – usayine inkontileka yesibambiso nayo, ngakho-ke omfunayo kufanele amthenge kuyona. IGallants nayo ibithi usanenkontileka nayo esalelwe yisizini, omfunayo kufanele amthenge kuyona. Lugcine luxazululiwe udaba lwakhe, wagcina ejoyina iChiefs. I-Bay ithole isinxephezelo. 

Bekunomsindo ongaka nje ngaye, yingoba iGallants ubeyishayele amagoli awu-14, okukhona kuwona nawu-5 awashaye kwiCaf Confederation Cup. Nokho selokhu efike kwiChiefs, usashaye amagoli amabili emidlalweni ewu-12. 

Ranga Chivaviro of Kaizer Chiefs during DStv Premiership 2023/24 match between Kaizer Chiefs and Moroka Swallows at FNB Stadium in Nasrec on the 02 March 2024 © Sydney Mahlangu/BackpagePix

Leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zeChiefs zihlukene phakathi ngaye njengoba kukhona ezibona engeke ayisize ngalutho le kilabhu, zifuna adedelwe. Kuthiwa kukhona ezithi makanikwe elinye ithuba kwazise vele yisizini yakhe yokugcina le ezayo njengoba esayine inkontileka yeminyaka emibili. 

Umthombo waleli phephandaba ozazi zonke ezithinta iChiefs uthe: “Indaba kaRanga iyinkinga, uKaizer Junior (ongumqondisi-jikelele wezebhola kwiChiefs) ngesikhathi esebenza udaba lwakhe lokujoyina le kilabhu, ubenethemba lokuthi uzoba yisixazululo samagoli.  “Uphoxekile njengoba enza kanjena, naye usezibonele ukuthi akangeni khaxa esitayeleni seChiefs. Indaba yalo mdlali isiyenze izikhulu zahlukana phakathi ngoba kukhona ezithi makadedelwe kulandwe omunye umgadli bese kuzoba khona ezithi makanikwe elinye ithuba. Engikuzwile wukuthi kuvunyelwane ngokuthi makabukwe kule midlalo esele ukuthi uzokwenzanjani, emuva kwayo, yilapho okuyobe sekunqunywa khona ngekusasa lakhe.” 

Leli phephandaba libuza uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe: “Kakukho engisakutholile mayelana nokuhamba kwabadlali cishe leyo nto iyokhulunywa ngasekupheleni kukaNhlaba (May).”

Previous articleUsezuze lukhulu umfundi owasizwa yiLANGA
Next articleZiyakhula izinkinga zemali kwiSwallows