Zimakene izingqungqulu ngama-albhamu

629

IGcokama lishintshe usuku lokhipha eyalo, likhala ngamahlebezi okuthi ingase iputshuke

JOHN HLONGWA

USHAYE ingwijikhwebu wamaka imbangi yakhe ngezinsuku zokugcina umculi kamasikandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, obekulindeleke ukuba akhiphe i-albhamu yakhe ethi, “Amavolovolo” ngoMgqibelo njengoba imbangi yakhe, uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose yona izokhipha eyayo ethi, “Inja Nogodo” kusasa ngoLwesihlanu.


IGcokama lizwakale kwiVuka Africa Breakfast Show, oKhozini FM esakazwa nguSipho “Sgqemeza” Mbatha noNonhlanhla “Mroza” Buthelezi selithi i-albhamu yalo izophuma namhlanje ngoLwesine. Likhuluma neLANGA iGcokama, lithe: “Kuyiqiniso ukuthi bekumele i-albhamu iphume ngoMgqibelo, kodwa ngithole umbiko othi kungenzeka iputshuke ngingakayikhiphi. “Ngaleso sizathu ke, ngibone kungcono ngivele ngiyidedele, abalandeli bangaze baphisane ngayo ezinkundleni zokuxhumana (WhatsApp).”

Libuzwa ukuthi ngabe lokhu akukhona ukuthi “lidlalisa” imbangi yalo injeje njengoba ibisimemezele ukuthi izokhipha kuqala kunalo, lithe: “Angazi lutho ngalowo, ukhona yini usaphila?” Ethintwa yiLANGA uKhuzani, ushaye ngamafuphi wathi kayimkhathazi indaba yokuthi uMthandeni useshintshe usuku abezokhipha ngalo. “Vele uyesaba, uhlale enovalo.


Ufuna ukuthola amahora ambalwa ukuze abalandeli balalele umculo wakhe ngaphambi kowami,” kusho uKhuzani, okhale ngokuba matasa ngaphambi kokuvala ucingo. Kuzokhumbuleka ukuthi ukubanga isikhathi akuqali manje phakathi kwalaba baculi. Bake babanga ihora leshumi nambili ebusuku elibizwa ngeGolden Hour kwiMpucuzeko kaMaskandi Festival, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Leli hora yisigatshana esasungulwa nguKhuzani ethi uzonandisa ngaso. Kwathi kungazelele muntu, waqhamuka uMthandeni wasihlwitha leso sikhathi kwangena yena esiteji wadlala, uKhuzani wasala encela izithupha.

Previous articleUthembise ukuqedela izinhlelo zokufukula umphakathi obuyiselwe ngo-elethu
Next articleKufunwa izicucu zeziqu ezikhulwini zomkhandlu