INTATHELI YELANGA
UBOSHWE “nezihonga” zakhe uPaseka Motsoeneng odume ngelikaPastor Mboro emuva kwesigameko esishaqise umphakathi sokugasela eMatshidiso Primary School, eKathlehong, eGoli izolo ngoMsombuluko behlomile, bathatha abantwana ngenkani.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Noxolo Kweza, uthi ngoMsombuluko kusihlwa amaphoyisa abophe abantu abane abathinteka kulesi sigameko. Abasolwa kubikwa ukuthi bazovela maduze eNkantolo yasePalm Ridge, eGoli, babhekene namacala okubalwa kuwo elokushaya, ukuphatha budedengu isibhamu, wukuhlinzeka ngomsebenzi wokuqapha ngokungekho emthethweni, wukucekela phansi impahla, wukusabisa nokuhlukumeza abantwana nothisha. Amaphoyisa ashaqe nezikhali ezitholakale kulaba balisa. Abaphoyisa abika ukuthi omunye wabasolwa uboshelwe ukushaya umphathi wesiteshi samaphoyisa aseKatlehong ngesikhathi umphakathi ufuna ukuzibambela mathupha uPastor Mboro ngaphandle kwesiteshini.
Siphenduke indabizekwayo isithombemiyakazo (video) esisabalale ngoMsombuluko ezinkundleni zokuxhumana, okubonakala kuso uMboro eshwiba ucelemba, esho ukuqeda omunye wesilisa. UMboro nabehamba nabo, babonakala kulesi sithombemnyakazo bethatha izingane kulesi sikole, bephuma naze zikhala. Kubikwa lesi sigameko sihlobene nombango walezi zingane okubikwa ukuthi ngezendodana kaMboro, kanti zigadwa nguninakhulu ozala unina ongasekho.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnu Steve Mabona, ekhuluma kwiSABC, uthe yisigameko esibi lesi esenzekile, esihlukumeze izingane.
Ubike ukuthi umnyango uzokweseka isikole ngokuhlinzeka ngosizo lokwelulekwa kwezingane ngokomqondo. Egameni lomnyango, uthishanhloko nesigugu esilawula isikole bavule icala emaphoyiseni.