Zimkhalele odlwengule ingane emlindelweni wakubo

126

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUHLWE emini kowesilisa waseMfazazane, eMthwalume oshaqwe ngamaphoyisa ngeledlule ngezinsolo zokudlwengula ingane yentombazane eneminyaka ewu-13, emlindelweni wesihlobo. Kubikwa ukuthi umsolwa ubanjwe ngamalungu eNeighborhood Watch, kulandela ukuba umndeni wengane usuvule icala. Umsolwa ugile le mihlola ngosuku lomlindelo ezihlotsheni zakhe eNkambini, eMthwalume, isisulu sasifike nezihlobo.

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa zilokhu ziqhubeke njalo nokwanda izigameko zokudlwengulwa kwabesifazane kuleya ndawo yaseMthwalume.
Kuvela ukuthi kuyona le ndawo kudlwengulwe owesifazane oneminyaka ewu-19. Nakhona kulesi sigameko kuthiwa umsolwa ubanjwe ngamalungu eNeighborhood Watch, amlande kubo. Umthombo uthi esigamekweni sengane, kuthiwa ibilokhu ikhala ngobuhlungu esithweni sayo sangasese. “Ngosuku lwesigameko yayifike kubo kasolwa ihamba nezihlobo zayo, beze emlindelweni. Ngesikhathi kusaqhubeka inkonzo etendeni ebusuku, umsolwa uphume waqonda endlini okwakuhleli khona ingane, wayithatha waya nayo egumbini ayezolala kulona, wayinukubeza. Uqede lapho wayisabisa, wayitshela ukuthi ingalinge iyithi vu le ndaba,” kusho umthombo.

Uqhuba uthi ingane iwubikelile umndeni wayo ikhale ngezinhlungu, okuthe uma iyiswa kudokotela wakuqinisekisa ukuthi idlwenguliwe. Uthi kuvulwe icala, amalungu eNeighborhood Watch abe esethungatha umsolwa. Uveze ukuthi umsolwa ubanjwe engazi nanyaka ezihlalele esitolo ngoMgqibelo, kwabe sekushayelwa amaphoyisa.

Umthombo uphinde watshela leli phephandaba ukuthi lezi zigameko zokudlwengulwa kwabesifazane nezingane ziyakhula kule ndawo kanti phambilini umphakathi uke wabhikisha ukhala ngokungabambisani kahle namaphoyisa endawo okuyi-Hibberdene. “Phambilini kwabhalwa uhlu lwezikhalo kwahanjiswa emaphoyiseni, kodwa kuze kube yimanje akukho nokukodwa osekuke kwaphendulwa umphakathi owawukhala ngakho. Phakathi kwezinto ezaziqukethwe wuhlu lwezikhalo, indaba yokugqoza kwamacala agcina ephelela emoyeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCost Thenjiswa Ngcobo uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-26 ngecala lokudlwengula. Uphinde wasiqinisekisa nesigameko sokudlwengulwa kowesifazane oneminyaka ewu-19 ubudala nakhona wathi kuboshwe umsolwa oneminyaka ewu-25.

Previous articleEzibuhlungu ngowoZalo okumele ahlinzwe
Next articleUSjava emdlalweni omusha iQueendom