Zimkhalele “onqume” unina wengane uqhoqhoqho

441

NONHLAKANIPHO SHINGA

ZIMKHALELE ezivalele nenye intombi emjondolo kanina wengane yakhe uMnu Siyabonga Nxumalo (28), ohlala ehostela laKwaMashu osolwa ngokubulala unina wengane yakhe, uNkz Zinhle Mthembu (28) ngempelasonto. Ilungu lomndeni – elicele ukuba lingadalulwa igama lalo – lithe: “Njengoba kubo kuyiKwaDonga, KwaHlabisa, ucele ukuhanjiselwa izingane zakhe (enxanxatheleni yezitolo) eBridge City ukuze ziyolukwa ngaphambi kokuvakasha emakhaya. 

“Kuvela ukuthi babe nengxabano khona lapho, wamshayakwaze kwabakhona abalamulela unina wengane yakhe,” kusho leli lungu lomndeni.

Kuthiwa kakuphelanga isikhathi esingakanani, umsolwa waya ehostela watshela unina ukuthi sebexabene nomufi ngoba ubukise ngaye ebantwini.

“Kuthe kungakapheli isikhathi esingakanani, kwangena izingane zihamba zodwa, zathi unina uthe mazihambe uzozilandela. Ntambama, kufike omunye umakhelwane obike ukuthi makuphuthunywe, uZinhle usegwaziwe,” esho. 

Uthe uficwe edindilizile, enqunywe uqhoqhoqho, esephefumula ngenxeba.

“NgoMsombuluko ebusuku, uyise wengane ubonwe ngabathile abahlala ehostela, enyonyoba nenye intombi eyoyivalela emjondolo kamufi, okuyibona ababize amaphoyisa waboshwa khona lapho,” kusho isihlobo. 

UNxumalo uvelile eNkantolo yeMantshi eBridge City.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe, ubhekene necala lokubulala. 

“Kulindeleke ukuba abuyele maduze ukuyofaka isicelo sebheyili,” esho.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleOkamaskandi usolwa ngokubalekela isikweletu
Next article“Umehluko phakathi kwePirates neSwallows yijezi” kusho abeChiefs