NOMFUNDO NGWANE
USHAQWE ngabakwasidlodlo ese-msebenzini ngoLwesine ebusuku owesifazane waKwaDabeka, eThe-kwini,ILANGAlangomhla ka-17-19 kuNhlangulana (June) elibhale uk-uthi usolwa ngokuthengela umyeni wakhe inkabi ukuba imbulale ngo-ba efuna indlu nemali yomshwale-nse abemkhave ngawo (umyeni).
UNkz Lindiwe Gwala (46), uvele eNkantolo yeMantshi yasePineto-wn, ngoLwesihlanu emuva kokuboshwa ngamaphoyisa engazelele.
Ungene obishini olumholele eza-ndleni zabomthetho emuva kokuba inkabi okuthiwa wayithenga ngo-R35 000 ukuba idubule ibulale uMnu Sthembiso Ndlovu – onguyise wezingane zakhe ezimbili – yahla-nza lonke iqiniso kuyena (uMnu Ndlovu), ikhala ngokuthi kayiyena umbulali kodwa yathatha imali ngoba ixakekile.
Odabeni lweLANGA ngeledlule, uMnu Ndlovu obegeqa amagula ngokuphunyuka kwakhe ekufeni, uveze nokuthi ubuthongo bebunga-sehli selokhu inkabi yaphumela obala. Leli phephandaba libika ngalolu daba nje, besekuphele izi-nyanga ezimbili amaphoyisa ebhala ecisha ukuthi abophe umsolwa.
UMnu Ndlovu uveze ukuthi
inkabi eyayithengwe yingoduso ya-khe yagcina igwaza ibulala indo-dana yakhe, uMinenhle Gwala (16) – ayizala kumsolwa – eneminyaka ewu-16 ngoba ingane ibuza imali kanina ukuthi ikhokhwa nini,
kwazise yona yayingazi ukuthi
ngeyani le mali.
Inkabi igcine iboshelwa icala
lokubulala uMinenhle. Uthi inka-bi yaziyela mathupha kuyena ngo-Mbasa (April) nonyaka, iyomtshe-
la ukuthi isikhokhelwe ukuba imbulale, makahambe ayobika emaphoyiseni. Uthi usezoke alale ubuthongo njengoba ingoduso yakhe isiboshiwe.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhe-le, ukuqinisekisile ukuthi uNkz Gwala ushaqwe ngamaphoyisa
ngoLwesine ebusuku, uvelile enkantolo ngecala lokwakha
uzungu lokubulala. Kulindeleke ukuba abuyele kule nkantolo maduze eyofaka isicelo sebheyili.
nomfundo@ilanganews.co.za