LUCKY CAIN
UBONA kuwubizo kuyena ukwethula izinhlelo zikamabonakude ezihlanganisa futhi zipholise amanxeba emindenini u-Andile Gaelesiwe (osesithombeni), ongumethuli weKhumbul’ ekhaya kwiSABC 1 noThando Noxolo kwiMoja Love.
I-Khumbul’ ekhaya ikhuza ibuya ihlandla lika-18 kulo nyaka njengoba isiqephu sokuqala sitshengiswe ngoLwesithathu. U-Andile utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ngesikhathi eqala ukwethula lolu hlelo, wayengakaze acabange ukuthi ngemuva kweminyaka ewu-18, uzobe esaqhubeka nokuba ngumethuli walo. “Ngesikhathi ngiqala ukwethula iKhumbul’ ekhaya ngangingumculi futhi kuyinto engizifelayo ngayo,” esho.
Uthi ukwethula lolu hlelo kumfundise okuningi ngempilo nangeNingizimu Afrika. “Ngifunde ukuthi siyisizwe esihlukumezekile emoyeni, esisadinga ukuvuseleleka ngokomoya. Ezinye zezindaba engihlangabezane nazo kule minyaka ewu-18, zingishiye ngithintekile emoyeni njengoba kungeyona into emnandi ukubuya silambatha, singasitholanga isihlobo somuntu ekubeni esenethemba. Lokhu bekungithinta emoyeni,” esho.
Uthi lokhu kugcine kuphazamisa nempilo yakhe yangasese ngoba ezinye zalezi zindaba ubezigcina ngaphakathi zize zimphazamise emoyeni. “Kimina iKhumbul’ ekhaya kakulona nje uhlelo lukamabonakude, kodwa luyingxenye yempilo yabantu. Lokhu kufakazelwa yizinkulungwane zezincwadi esisaqhubeka nokuzithola ngemuva kweminyaka ewu-18. Ngigcina ukubala izincwadi ezazikhona, zazibalelwa ku-300 000, ngingazibali eziqhamuka nge-fax ne-email nazo eziningi ngendlela emangalisayo,” esho.
Uthi useyabona ukuthi ubizelwe ukwenza izinhlelo zalolu hlobo.