Zingaphezu kuka-3 000 izikole ezingalawuleki kuleli

1321

MTHOBISI STHOLE

ZINGAPHEZULU kuka-3 000 izikole ezingalawuleki eNingizimu Afrika. Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga (osesithombeni), ngeSonto esigcawini sabezindaba ethula umbiko wakamuva mayelana nezikole zakuleli. 

Uthe izifundazwe ezihamba phambili ngesibalo sabafundi abangafuni ukuphathwa; yiKwaZulu-Natal, yi-Eastern Cape, yiWestern Cape neGauteng. 

Ubale udlame kubafundi, wukukhulelwa kwabo, wukuhlukumeza ngezindlela ezehlukene nezidakamizwa njengezinto ezikhomba ukungalawuleki. 

Unxuse umphakathi ukuba  ubabonge othisha abasebenza ngokuzimisela njengoba uMfumfu (October) kuyinyanga yokubabungaza (othisha).  

Uveze nokuthi mhla ka-5 kwephezulu, kuzogujwa uSuku loThisha ngomcimbi osezingeni likazwelonke eHeartfelt Arena, ePretoria, okulindeleke ukuba umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa abeyingxenye yawo. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIkhwelo ngokuvikela izaguga ezisolwa ngokuthakatha
Next articleKumele sishintshe ukwenza uma sifuna imiphumela emnothweni