Zingase ziphazamise i-Uefa izinhlelo ezihlongozwa nge-Afcon

353

INTATHELI YELANGA

ZINGASE zinyakazise imidlalo yamaligi ase-Europe izinguquko okubikwa ukuthi zihlongozwa yiMorocco ezoba ngosokhaya be-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-2025. Ngokubika kweKooora – eyisizinda sezindaba zemidlalo eMiddle East – umengameli kasoseshini kanobhutshuzwayo eMorocco – iFederation Royale Marocaine de Football (FRMF) – uFouzi Lekjaa, ubonakale engqumuza noMengameli we-Caf, uPatrice Motsepe, okuyilapho kuvele khona eyokuthi izwe lakhe lihlongoza ukuba imidlalo ye-Afcon ibe ngoNhlangulana (June) kuya kuNtulikazi (July). Ngakolunye uhlangothi, uMengameli weFifa, uGiovanni Infantino, kuthiwa ufisa ukuba lo mqhudelwano ugijinywe ngoNdasa (March) noma uhlehliselwe u-2026. 

Umthombo weKooora uthi uma isifiso seFRMF siphumelela, lokho kungaphoqa ukuba iFifa inxuse i-Uefa ukuthi ikuhlehlisele uMandulo (September) ukuqala kwemidlalo yamaligi ase-Europe, kwazise nemidlalo yeFifa Club World Cup kulindeleke ukuba idlalwe maphakathi nonyaka. Kuvela ukuthi uLekajaa akamnikanga impendulo eqondile u-Infantino ngombono kaNdasa, kodwa ugcizelele elokuthi uNhlangulanga kuya kuNtulikazi, yisona sikhathi esihle kwazise isimo sezulu sase-Afrika sisuke sipholile ukuba kugijinywe lo mqhudelwano, kungafani nasekuqaleni konyaka. 

Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba nonyaka lo mqhudelwano ubuse-Ivory Coast – egcine iyizingqwele ngokuhlula iNigeria ngo-2-1 – kumosheke isikhathi esiningi ngenxa yamakhefu okuba abadlali baphuze amanzi kwazise ilanga belikhipha umkhovu etsheni. 

Sekuwumlando ukuthi iBafana Bafana yenze kangcono kulo mqhudelwano ilala endaweni yesithathu, eyagcina ukuyithola ngo-2000 emuva kokuhlula iTunisia ngo-4-3 wamaphenathi. Umdlalo wawuphele ngo-2-2. Amagoli eBafana ashaywa nguSean Bartlett noSiyabonga Nomvete kanti amaphenathi abhajiswa ezintanjeni nguHelman “Midnight Expresss” Mkhalele, u-Eric Tinkler, uJohn “Shoes” Moshoeu no-Alex “Barnes” Bapela. uBartlett noPollen “Trompies” Ndlanya bawageja.

Previous article“Makuqhakanjiswe othisha ngemiphumela yabafundi”
Next article15 FEBRUARY 2024