Bafisa ukucobelela umphakathi ngempilo yazo
NOMFUNDO NGWANE
AKULUQEDANGA uthando lwezinyoka ukushaywa yi-cobra waze wavuka egunjiini labagula kakhulu, walaliswa esibhedlela izinyanga ezintathu owesilisa waseQakwini, eMtubatuba, kanalokho wavuka wazithatha wafuna ulwazi oluningi ngalesi silawane esisatshwayo.
UMnu Scelo Sibiya (37), okumanje uhlala nezinyoka eziwu-4 endlini ngenxa yothando lwazo, wavuka okhukhwini lokufa wancamela ukushiya umsebenzi ayewenza eGooderson Dumazulu Lodge and Traditional Village, eHluhluwe wanikela e-African Snakebite Insitute eyokwenza izifundo zeSnake Handling. Kule ndawo wayesebenza ngezilwane.
Engxogxweni ekhethekile neLANGA ebelimvakashele kubo eMtubatuba utshele leli phephandaba ukuthi ukushawa yinyoka kwamenza waba nothando lokuthola ulwazi oluningi ngezinyoka ukuze ezoludlulisela kwabanye abantu ngoba ethi ubuhlungu abuzwa ngalelo langa akafisi buzwiwe ngomunye umuntu.
Uthi uthando lwezinyoka useze waludlulisela nakumfowabo omncane, alamana naye, uMnu Vincent Sibiya (33). Utshele ILANGA ukuthi ngisho eyosiza umuntu obhekene nenkinga yezinyoka, uhamba naye umfowabo.
Uthando lwezinyoka seluze lwadlulela kangangoba usezifela ngisho nangezingwenya athi zifana nabangani bakhe abakhulu ngenxa yokuthi useyiqonda kahle impilo yazo.
Uthi indlela inyoka ephila ngayo (yokuhlala iqaphile, futhi isheshe igadle uma icabanga ukuthi isengozini) idalwa wukuthi ikhula ingalutholi uthando lomzali, kwazise amachwane avele ashiywe ngunina engakachamiseli.
“Ngikhule ngizithanda izilwane, ngizingela nasehlathini. Kuthe sengikhulile, ngathola umsebenzi esiqiwini ngelusa izi-wane, ngiphelezela izivakashi ngizikhombise izilwane, ngizichazele ngazo, ikakhulukazi izinyoka.
“Ngesikhathi ngisebenza, bengingenalo ulwazi oluningi ngezinyoka yize besenginalo uthando lwazo. Kwathi ngelinye ilanga kukhona izivakashi emsebenzini ngo-2011, ngizikhombisa uhlobo olwehlukile lwezinyoka, ngashaywa yi-cobra esandleni phambi kwazo izivakashi.
“Kwadingeka ukuba ngiziqinise ukuze zingaboni ukuthi sengishaywe yinyoka ngoba zazizothuka. Ngemuva kwemizuzu ewu-15 ingishayile, ngaqala ngezwa izinhlungu, ngaphelelwa ngamandla ngaqala ngabuyisa. Kwadingeka ukuba ngiphuthunyiswe esibhedlela eRichards Bay.
“Ngifika khona isimo sasesibi kakhulu, ngiphalaza indlela yonke, sengiphelelwe ngamandla ngenxa yobuthi obasebugcwele emzimbeni. Ngemuva kwezinsuku ngingeniswe esibhedlela, isimo siba sibi kakhulu, ngavuvukala umzimba wonke, kwacaca ukuthi kumele ngidluliselwe egunjini labagula kakhulu.
“Ngaze ngayiswa etiyetha kuyokhishwa ubuthi. Into engayiqaphela ngesikhathi ngisesibhedlela neyangenza ngavuleka amehlo ngaba nesifiso sokuthola ulwazi ngezinyoka wukuthi nakhona ezibhedlela bayaba nakho ukudideka uma ufika ubatshela ukuthi ushaywe yinyoka.
“Ngaphambi kokuba bakusize, kumele baqale bathole ukuthi ushaywe yinhloboni yenyoka ngoba zinobuthi obungafani,” kusho uMnu Sibiya.
Uthi nomndeni wakhe wawusulilahlile ithemba lokuthi uzophuma ephila esibhedlela. Ukhuluma aze amamatheke uma esechaza ngezinhlobo zezinyoka nobungozi bazo. Ngesikhathi exoxa neLANGA, umfowabo naye ubelekelela.
Uthi waphuma esibhedlela wabuyela emsebenzini, wasebenza isikhathi esincane wabe esexoxa nomfowabo wathi uyawushiya umsebenzi nguyena ozobhekelela ikhaya. Babesebenza bobabili kuyibona ababheke ikhaya.
Watshela umfowabo ukuthi yena usefuna ukuyofunda kabanzi ngezinyoka ukuze bathole ulwazi abazoludlulisela emphakathini. Uthi yize inyoka iyingozi, kodwa kayimsukeli umuntu, yingakho ungeke uzwe kuthiwa inyoka ishaye ingane encane.
Utshele ILANGA ukuthi inkinga isuswa wukuthi uma umuntu eke wabona inyoka, ubona isitha, wazi ukuthi kufanele ayishaye. Yilapho-ke nayo iqala ifune ukugadla ngoba izivikela.
Uthi iyakwazi ukuzwa ukuthi umuntu ebhekene naye uyimpi. Lezi zelamani zakwaSibiya zithi seziphenduke amaSamariaya alungileyo endaweni njengoba bonke abantu endaweni uma bebona izinyoka ezindlini zabo, bafonela zona ukuba ziyoyibamba. Zithi zikwenza mahhala lokhu, kazibakhokhisi lutho abantu yize zihamba ngemoto yazo uma ziyokwenza lowo msebenzi.
“Sidume indawo yonke eMtubatuba ukuthi sibamba izinyoka, abanye abantu baze basabe ukusondela eduze kwethu bathi sidla izihlungu zezinyoka kanti kakulona iqiniso lokho. Sifonelwa ngisho ngabelungu bacele ukuthi siyobabambela izinyoka emizini yabo.
“Uma sesiyibambile, siyayithatha siyivalele izinsuku eziwu-7 ekhejini lethu endlini, siyiphe amagundane. Ngemuva kwezinsuku eziwu-7 noma ngaphezulu, siyayidedela siyoyilahla ehlathini eliqhelile nasemphakathini,” kusho uMnu Sibiya.
Ikheji lazo abazakhele lona, ungafunga ukuthi ngelasezindaweni okugcinwa kulona izinyoka. Uma sebeyifake kuleli kheji bayaqinisekisa ukuthi kayikutholi ukukhanya nomsimdo ngoba ezinye izinyoka kazizwani nalokho.
“Inyoka kakusona isilwane sokuthi uma uhlangana naso usibulale, siyafana nezinye izilwane, yingakho sizithatha sizigcine uma sesizibambile emzini womuntu. Ngisho emitholampilo eyakhele nathi, abahlengikazi sebeyasazi ukuthi sibamba izinyoka. Bayasifonela uma kukhona umuntu ofikayo ebatshela ukuthi ushaywe yinyoka, sibatshele ukuthi mabamsize kanjani.
“Uthi okubalulekile uma umuntu eshaywe yinyoka, kumele angawaphuzi amanzi.
“Sikhule sazi ukuthi uma ushaywe yinyoka kumele ugijime kuqala uyophuza amanzi, inyoka ingakawaphuzi. Lokho kakulona iqiniso neze, yinkoleloze,” esho.
Uthi akumele ubophe phezu kwalapho oshaywe khona yinyoka, okungenye yezinto ezivame ukushiwo moma ukwenziwa ngabantu uma beshaywe yinyoka ngoba bethi banqanda ubuthi ukuba bungasabalali emzimbeni.
Utshele ILANGA ukuthi ukwenza njalo kudala ukuba ubuthi buvaleleke endaweni eyodwa, bugcine sebenza umonakalo omkhulu kuleyo ndawo okuboshwe kuyona.
Uthi uma umuntu eshaywe yinyoka esandleni noma onyaweni, kumele ahlale aqonde ngoba uma ebopha udala ukuthi inhliziyo ishaye ngamandla aze angakwazi ukuphefumula kahle.
Nokuphalaza uthi kumele oshaywe yinyoka akuvumele ukuze abuyise ubuthi obungaphakathi ngoba uma ephuza amanzi buyavaleleka ngaphakathi. Ugcizelela ukubaluleka kokuthi umuntu alwazi uhlobo lwenyoka olumshayile ukuze kube lula ukusheshe asizakale. Uthi akuzona zonke izinyoka eziyingozi.
Phakathi kwezinyoka ezivame ukutholakala ezindaweni zasemakhaya futhi eziyingozi, yinhlwathi, yibululu, i-cobra, imfezi, imamba, ukhokhothi nophempethwane. Lezi nsizwa zakwaSibiya zithi njengoba sekuzoqala ihlobo nje, zizoba matasatasa njengoba zizofonelwa ngamalungu omphakathi nasezikoleni abantu becela usizo lokubanjelwa izinyoka.
Zithi ziyafisa ukuba uMnyango wezeMpilo nomasipala ezibakhele balekelelane nazo ukuba zidlulise ulwazi lwazo ngezinyoka nezingwenya emiphakathini, futhi kube khona noxhaso ezilutholayo ngalokho.
Ngaphandle kwezinyoka, uMnu Sibiya nomfowabo bathi sebengenelwe nawuthando lwezingwenya njengoba nazo sebeziqonda ukuthi ziphila kanjani. Uthi ingwenya inesikhathi sokudla, kayidli ebusika idla ehlobo kuphela. Uma ilanga lingekho, uthi iyahluleka wukudla.
“Uma ukha amanzi, ungabi wedwa esizibeni esinengwenya,” kusho yena. Uthi nalesi silwane kasizwani nomsindo.
Okumele ukuqaphele ngenyoka:-
∗ Uma uyifica endlini yakho ungayilwisi, vula umnyango izozoziphumela ngoba isuke isibona ukuthi usuyibonile. Iyayazi intuba engene ngayo, izophuma ngayo futhi;
∗ Uma uyilwisa, uvimbe phambi komnyango engene ngawo, uyidalela ulaka ngoba isuke izitshela ukuthi uyalela ukuba iphume;
∗ Thola umuntu ozokusiza akuphiphele yona endlini;
∗ Ungayishayi inyoka ungalwazi uhlobo lwayo. Isibonelo:- Imfezi iyakhwifa, ngeke ikusize induku ngoba ungalimala nayo. Imamba emnyama ishesha kakhulu, ngeke ukwazi ukuyishaya ngenduku. Ibululu liyaluma, abantu banenkolelo yokuthi liqale liqale amazinyo ngaphambi kokugadla, okungelona iqiniso.
Okumele ukuqaphele ngengwenya:–
∗ Kayidli ebusika ngenxa yokuthi kayikwazi ukugaya ukudla esiswini sayo ngalesi sikhathi sonyaka;
∗ Iyingozi kakhulu ehlobo ngoba yisona sikhathi edla ngaso;
∗ Ungabi wedwa esizibeni esinengwenya;
∗ Kayizwani nomsindo, iyabaleka;
∗ Uma ikubambile, kumele uyifake umunwe esweni nasekhaleni ngoba kayifuni kungene amanzi emzimbeni wayo, ingakudedela;
∗ Uma isemfuleni, iye ibambe umuntu wokugcina ngoba isuke yazi ukuthi abaphambili ngeke babuye bazomsiza.