‘Ziphithene amakhanda izikhulu zeChiefs’

421

SENZO SOKHELA

KUZULA amakhanda ezikhulwini zeKaizer Chiefs ngabadlali ababili okuvela ukuthi zizama ukubachitha, kodwa ziyehluleka. Le kilabhu ibhekene nale nkinga nje,  isanda kugqabula ifindo lomshado ebeliphakathi kwayo noBonfils-Caleb Bimenyimana (25) obengumgadli wayo odabuka eBurundi. Ikhale ngokuthi akekho ezinhlelweni nomqeqeshi uMolefi Ntseki.

Kakuphelanga isikhathi esingakanani yamemezela ukuthi isisayinise u-Efmamjjasond Gonzalez Palacios (24) ongumgadli odabuka eColombia. Kuthiwa ubengalibheki ipali kwiClub Real Santa Cruz yaseBolivia abegijima kuyona. Kulindeleke atheleke kuleli ngesonto elizayo. 

Kwenzeka konke lokhu nje, leli phephandaba lithole ukuthi iChiefs isihluleke yancama wukuchitha uGeorge Matlou (24) noKamohelo Mahlatse (24) abadlala esiswini. Laba badlali bajoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini edlule bevutha bhe kwiMoroka Swallows abebedlala kuyona. Nokho selokhu befike kwiChiefs badonsa kanzima ukuthola isikimu.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UNtseki ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukuba nesikwati esikahle, azokwazi ukusilawula ngendlela. Ubazisile abaphathi ukuthi uMatlou noMahlatse kabekho ezinhlelweni zakhe. Izikhulu ziyazama ukubazamela kwezinye izindawo kodwa kakuhlangani.

“Inkinga wukuthi laba badlali banezinkontileka ezinde neChiefs, kunzima ukuthi ivele ibaxoshe nje. Yize kulukhuni kunjalo, kodwa izikhulu zisazama ukuthola isixazululo kulolu daba labo njengoba newindi lokudayiselana ngabadlali lingakavalwa. Izama ngisho ukubabolekisa.”

Leli phephandaba lithinta uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ngalolu daba, uthe: “Kasinakho lokhu (okhuluma ngakho) ehhovisi lethu lezokuxhumana.”

Kamohelo Mahlatsi of Kaizer Chiefs during the DStv Premiership 2022/23 match between Kaizer Chiefs and Sekhukhune United at the FNB Stadium, Johannesburg on the 07 January 2023 ©Muzi Ntombela/BackpagePix
Previous articleInkatha ithi izodedela umthetho kwelokudlwengula
Next articleKulimale abadayisa emgwaqweni kubanjwa imoto yemali