Zisagcwele amathafa iziboshwa (15) ezeqile

1046

NOMFUNDO NGWANE

AMAPHOYISA acela ukufuniswa lezi ziboshwa, ezingezinye zezeqe ngoLwesithathu ngesikhathi ziya enkantolo eMgungundlovu. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

ZISAGCWELE amathafa iziboshwa eziwu-15, kweziwu-45 ezeqe ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi kuqhamuka izigebengu ezikhombe imoto ebezihamba ngayo ziya enkantolo.

Lezi ziboshwa bezisuka ejele laseMgungundlovu, eNew Prison, ziya enkantolo yeMantshi yakhona eMgungundlovu, ngamacala ahlukene ezibhekene nawo. 

Kubikwa ukuthi ngesikhathi zisendleleni, imoto ebezihamba ngayo ivinjezelwe yimoto yizigelekeqe eziyisihlanu ebezihlome ngezinhlokohlela zezibhamu.

Kuthiwa lezi zinswelaboya zikhombe ngezibhamu amaphoyisa abemabili emotweni ebithwele iziboshwa, okwenze avele abaleka, ayishiya kanjalo imoto neziboshwa. Kuthiwa izigelekeqe zibe sezivulela iziboshwa ebeziselolini, zaphuma ezinye zazo zabaleka. 

Amaphoyisa aveze ukuthi zikhona ezinye iziboshwa esezibanjwe. Kuthiwa ezinye zazinikela esiteshini samaphoyisa esiseduzane ngalo usuku lwesigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aphansi phezulu, athungatha umkhondo weziboshwa ezisagcwele amathafa. 

Iziboshwa ezifunwa ngamaphoyisa nguSphelele Chamane (28), uMbukiseni Ndlovu (38), uMpho Phalo (31), uMphali Khanyiso (30), uThubelihle Dlomo (19) bonke laba babhekene namacala okubulala; uSphelele Ntsuntsu Mkhize (35) obhekene necala lokudlwengula; uKabelo Mtisilwane (27) noWiseman Shezi (26) bona ababhekene necala lokubamba inkunzi; uTalent Mncube (19), uMlungisi Ndlovu (25) owokweba, uSkhumbuzo Ngcobo (36) elokuntshontsha imoto, uSbonelo Bhengu (31), uFanane Paulo Pone (31), uFrank Lutchman (23), uGeorge Paul (29), uMlungisi  McCabe (43) ababhekene nawokuzama ukubulala.

Previous articleUchashwe ngenhlamba umqeqeshi wePirates
Next articleBadutshulwe bafa abafundi ababili