Unina uthole imihuzuko ezama ukuzihlenga eklobeni lomlilo
NOMFUNDO NGWANE
BEKUNZIMA nokukhuluma kowesifazane waseMbumbazi, eHarding okushe izingane zakhe zangqongqa nemoto ebhekile, izolo ngeSonto, kungakapheli ngisho inyanga kade engcwaba umyeni wakhe owabulawa ngokudutshulwa. UHlelolwenkosi Madiya (7) noMelokuhle Madiya (5), kuthiwa bebedlala emotweni kayise eyi-Golf, ebipake egcekeni ngesikhathi behlelwa yilo mshophi nenja yabo. Kuthiwa bebejwayele ukudlala kule moto.
UNkk Nosisa Madiya onguninakhulu walezi zingane, uthi unina wazo, uNkk Balindele Madiya, uMaNdlovu, uthole imihuzuko yokusha ebusweni njengoba ebeseziphosa emlilweni, ezama ukutakula izingane zakhe. Uthi lesi sigameko senzeke emuva kokuba unina wezingane ebase umlilo eshisa izimpahla ezindala, okuxakayo ngoba indawo ashise kuyona iqhelile nalapo obekupake khona izimoto. “Bengisanda kukhuluma nomakoti, ngithi lezi zimoto ezipake egcekeni kumele sizidayise. Besesilinde umcimbi wokuxokozela ebesihlele ukukwenza manje ngoZibandlela (December) ngoba usiko lwethu kalusivumeli ukuthi sithinte impahla kamufi ungakenziwa umxokozelo. “Okubuhlungu nje, kwenzeka lokhu noyise walezi zingane sisanda kumfihla ngenyanga eyedlule,” kusho uNkk Madiya. Uthi kunzima nokuthi akhulume unina wezingane ngesimo abhekene naso, sebezame ukuxhumana nosonhlalakale abazomsiza ngokumeluleka.
“Ngisekude ukuyikhohlwa into esiyibone ngamehlo ethu. Izingane besezicashe ngaphansi kwezihlalo zemoto zibalekela umlilo, izicabha zemoto zingavuleki,” kusho uNkk Madiya. Kusolwa ukuthi imoto ibisenawo uphethiloli yize ibisindala, akucaci ukuthi njengoba umlilo obubaswe ngunina ubukude, ufinyelele kanjani emotweni. IMeya yaseMuziwabantu, uMnu Sbo Zungu, ezifikele mathupha endaweni yesigameko, ithi kubethusile okwenzekile. “Siyazwelana kakhulu nomndeni wakwaMadiya ngento ebuhlungu ewehlele, ikakhulukazi unina wezingane olahlelelwe yizingane zakhe ezimbili ngesikhathi esisodwa esanda kushonelwa ngumyeni wakhe.
“Sifisa ukusho ukuthi siwumasipala sizosebenzisana kakhulu nomndeni ukuwusiza kulesi simo esinzima obhekene naso. Sesizamile ukuxhumana nosonhlalakahle, abafike ngokushesha ukuzosiza umndeni. Nabezimo eziphuthumayo bafikile njengoba nonina wezingane elimalile,” kusho uMnu Zungu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokushona kwalezi zingane. nomfundo@ilanganews.co.za