NOMFUNDO NGWANE
UBESHO ukuhlala izithonto kuninazala owesifazane waseMgababa, eThekwini ngoMgqibelo ekuseni, emuva kokuba emkhumbuze ukuthi ubemtshelile wathi kumele bakhulume indaba yezingane zakhe eziwu-5, abefuna ukuba ziyohlala naye kanti uzohamba ashiye ezine zodwa ebusuku ngoLwesihlanu, zasala zasha zangqongqa. Kuthiwa uNkz Nontokozo Ngcobo (37), usukume eyinhlamvu emakhandleleni, wafingqa inqindi esho ukugadla kuNkz Lindiwe Hlophe (63), ethi usola yena ngokufa kwabazukulu bakhe, okunguElihle Ngcobo (6), uBongumusa Ngcobo (4), uNkosikhona Ngcobo (2) noYandisa Ngcobo obenezinyanga ezintathu ezelwe.
ILANGA lithole ukuthi uNkz Ngcobo ushiya izingane nje, ubehambe nesoka lakhe elisha beyodla amambawu njengoba uyise wezingane washona ngoLwezi (November) wonyaka odlule emuva kokuxinwa wukugula. Leli phephandaba lithole ukuthi empeleni uNkz Ngcobo unezingane eziwu-6 nendodana kaNkz Hlophe, eyokuqala eneminyaka ewu-15 ubudala, isindiswe wukuthi ihlala naye uninakhulu kanti eneminyaka ewu-8 ibalekile ngosuku lwesigameko yaya ezihlotsheni emuva kokuba unina eyishayile ethi mayigade izingane zakwabo. Amalungu omphakathi abethukuthele egane unwabu, atshele ILANGA ukuthi wumkhuba wakhe uNkz Ngcobo ukuvalela izingane, ahambe ayophuza aze abuye ekuseni. Athi kade ayemkhuza ngale nto kodwa engalaleli.
Atshele leli phephandaba ukuthi avuswe wumlilo obusha ubuhanguhangu ngabo-02h00. Afike umnyango wendlu obekulele kuyo izingane ukhiyiwe, unina engabonwa. Azamile ukugqekeza isica-bha kodwa kwasho ukuthi asindwe yizinyawo. Kuthiwa uNkz Ngcobo uze wafika ngabo-05h00, engazazi nokuthi ungubani ngenxa yamambawu. Kuthiwa ufike watshela amalungu omphakathi abegcwele igceke ukuthi uphuma “emlindelweni” wakubo kamngani wakhe. Acele ukuba awakhombise lo muzi “obekushonwe kuwona” ngoba abengamkholwa. Anikele kuwona lo muzi “womlindelo”, athola ukuthi uhubhuza amanga.
UNkz Hlophe utshele ILANGA ukuthi kwale kancane ukuba umalokozana wakwakhe amthele ngequpha phambi kwabantu, edinwa wukuthi umbuze ukuthi ubehlulwa yini ukuziyisa kuyena izingane zendodana yakhe ngoba bezimhlula ukuzikhulisa. “Icishe yangishaya phambi kwabantu le ntombazane. Bashona nje abazukulu bami, bengithumelile ngoLwesihlanu ekuseni singakenzeki lesi sigameko. Ngicele ukuthi ngikhulume naye indaba yokuthi ngizithathe izingane zomntanami ngoba bengizwa ngamahlebezi ukuthi uyahluleka wukuzikhulisa, uzivalela endlini azishiye zodwa uma eyophuza.
“Lize lashona ilanga ngilindile ukuthi sizoxoxa ngoba ibingidla le nto yokuthi izingane kazihleli kahle. Nginele ngambuza lokho kukhona nabantu, kwathi makangidle angifele wangifinqela iqupha,” kusho uNkz Hlophe. Utshele leli phephandaba ukuthi uthukile uma ezwa kuthiwa unina wezingane ubesenesoka, kwazise akukapheli ngisho izinyanga ezintathu indodana yakhe idlulile emhlabeni. Ethintwa uNkz Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi ubengekho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Uthe ubesemlindelweni ehambe nabangani waze wabuya ngabo-02h00, wazithela phezu kwequlu labantu lizama ukucisha umlilo. Uvumile ukuthi ubeke ahambe azishiye zodwa izingane, wakhala ngokuthi akanawo amandla okufihla izingane zakhe kodwa ikha-nsela beselike lafika labathembisa ukuthi lizobasiza. Ucele kunoma ngubani ongaba namandla ukuba abasize zifihlwe ngesizotha izingane zakhe. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngalesi sigameko.
nomfundo@ilanganews.co.za