Zishiye umonakalo izimvula ogwini nesifundazwe

238

NONHLAKANIPHO SHINGA

NGEMUVA kwezimvula ezinamanandla ezihlasele idolobha elisogwini neKwaZulu-Natal, iMargate – aboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, sebekhiphe isixwayiso ngezimvula ezinamandla ezingase zihlasele eThekwini namaphethelo. Izolo ebusuku kuhlasele imvula enamandla edolobheni iMargate, lashiya umonakalo ongakaziwa ukuthi ungakanani njengoba kuguguleke imigwaqo, kwalimala amabhilidi amanye angenwa ngamanzi. Ngokwesixwayiso sabalomnyango imvula enamandla nengadala umonakalo ilindeleke eThekwini nasezindaweni ezakhelene nalo. Baphinde baxwayise izakhamizi ukuthi ziqikelele. Ngokusho kukamasipala iRay Nkonyeni, iMargate engaphansi kwayo, kusathunyelelwe ithimba labezimo eziphuthumayo ukuyohlola umonakalo owenzeke ngemuva kwalezi zimvula ezize zanqamuka namhlanje ezintathakusa.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUqhubeke nokukhonya uGerda emabangeni amade
Next articleI-Legal Aid isichithile isicelo sokumela iphoyisa lakwa-Metro elisolwa ngokubulala intombi yalo