Zisukumise umasikandi “izinqe zebhosi”

1358

UZimdollar uthi akananhloso yokuyiqopha le ngoma

MTHOBISI SITHOLE

INYAKAZISE umculi kamaskandi, wafisa ukuyiqopha ingoma egcwele ezinkundleni zokuxhumana, iculwa ngumsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela osakaza izinhlelo zomculo wesintu oKhozini FM – nozakwabo alingisa nabo emdlalweni iDurban Gen. 

USenzo “Ntencane” Zondi, uthi ufisa ukuqopha ngokuhlanganyela noZimdollar le ngoma enezinhlamvu ezithi, “Umuntu owazi izi-nqe zebhosi, uvele adelele emsebenzini, azenzele umathanda”. Uthi kunabalandeli bakhe abamthintile nabo, bethi bafisa abambisa-ne nale ntokazi.  

UZimdollar uthi akanankinga nale ngoma, aba-culi abayithandayo bangayisebenzisa ngoba akanazo izinhloso zokuyiqopha estudiyo. 

Utshele ILANGA ukuthi uze ayicule nje, yingoba ufikelwe wumcabango ngezimo ezenzekayo emisebenzini ezindaweni ezahlukene, nezikhulunywayo, wabe eseyihlanganisa, wafundisa ozakwabo ukuthi bazoyivuma kanjani. 

“Kangicabangi ukuthi ngingazimela emculweni ngoba ngiyasazi isimo sikamasikandi ukuthi sihamba kanjani,” kusho uZimdollar. 

Uthi indlela ethandwa ngayo le ngoma, ngisho ngaphakathi oKho-zini isiphenduke itemu kwabanye ozakwabo. Utshele ILANGA ukuthi yena uyazithandela ukucula, kodwa akanawo umcabango wokuzimela emculweni. 

“Owazi isi-shwapha sebhosi useyongixolela bakwethu, bengizincokolela kanti abantu bazoyithandake le ngoma,” kusho uZimdo-llar. 

UZimdollar wake wapikwa ngumculi kamasikandi uNavigator Gcwensa kwenye ya-ma-albhamu akhe eminyakeni edlule, waphinda wapikwa nguMbuzeni Mkhize. 

mthobisis@ilanga-news.co.za 

Previous articleUdangele kukhishwa phambili inkosikazi
Next articleKuzovotwa isixegisiwe imithetho yeCovid-19