Zitholwe zidindilize ehlathini izidumbu zabebethunjiwe

1233

Umndeni uthi amaphoyisa kawaluthathelanga phezulu udaba

NONHLAKANIPHO SHINGA

WEHLULWE nawukukhuluma unina kaNkanyiso Mkhize othole isidumbu sendodana yakhe sidindilizile, izandla zibambelele ekhanda ngemuva kokuba beyithunjiwe bakhokhiswa imali engango-R5 000. UNkanyiso ubulawe noMlulamisi Phungula ILANGA ebelibikile ngokuthunjwa kwakhe. 
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

ISADIDEKILE ngokuthunjwa kubulawe amadodana ayo imindeni yabesilisa ababili baseRichmond, ababulawe yize imindeni ibisikhokhe o-R5 000 abebefunwa ngabathumbi. 

Izidumbu sikaMnu Nkanyiso Mkhize (21) noMnu Mlulamisi Phungula (21) zitholwe ngeSonto ntambama zinamanxeba okudutshulwa, zilahlwe ehlathini elingaseMbali, eMgungundlovu, emuva kokuthunjwa ngoMgqibelo.   

ILANGA livakashele le mindeni ngoLwesibili. UNkz Sizakele Mkhize, ongunina kaMnu Nkanyiso okhulume neLANGA esemakhandleleni, wehlulwe nawukukhuluma echaza ngocingo olungenile lwashiyisa indodana umsebenzi ipulastela kubo kanti iyobulawa. 

Uthi lolu cingo beluvela kuMnu Phungula ethi uMnu Mkhize makaye enkundleni yendawo, ayolanda okuthile. 

“Kungene ucingo kuyena ngo-16h30, ngamuzwa ethi, “sure,” okuthe ngemuva kwalokho wasula izinyawo nobuso wathi kukhona asayokulanda,” kusho yena. 

Uthi akakwazanga nokugeza ngoba lona omshayele ucingo umtshele ukuthi kuyaphuthuma. 

“Ehamba lapha ekhaya uvalelise wathi uyabuya, bengingazi ukuthi sekungokokugcina ngibona indodana yami iphila. Kuze kube yimanje, kangiqondi ukuthi kwenzekeni ngoba nendaba yokuthi bathunjiwe, baqale bangifihlela yona,” kusho yena. 

Uthi ngabo-18h00 ntambama, ngawo uMgqibelo, kufike ingane yomfowabo yambuza ukuthi unawo yini u-R5 000, wathi cha, wanganaka. Ngabo-20h00, uthi kufone indodakazi yakhe ebiseHammarsdale, imtshela ukuthi uNkanyiso uthunjiwe, kunabantu abafuna u-R5 000 ukumdedela. 

“Ngishayele yena uNkanyiso ocingweni lwakhe walubamba, ngabuza ukuthi kwenzekani, wathi uyaphila kodwa akakwazi ukukhuluma ngoba kakukhulunywa kakhulu lapho ekhona. 

“Udadewabo ubeno-R2 000, wabe eseboleka u-R3 000, wakhokhela abathumbi. Ngithe uma ngikhuluma noNkanyiso, wezwakala ethukile kodwa ngoba imali ibisikhokhiwe, ngibe nethemba lokuthi bazodedelwa,” kusho uNkz Mkhize. 

Uthi kubethusile ukuvaleka kocingo lwendodana yakhe ngeSonto ekuseni. Ngesikhathi egcina ukukhuluma nayo, ithe ilinde imoto ezoyilanda lapho ikhona. 

“Ngiphuthume emaphoyiseni ngiyobika, angayinaka indaba yami, athi ngidlala ingane ibingikhuthuza nje. Ngiwatshele ukuthi akayona ingane enjalo, okuthe sisakhuluma, kwangena omunye umndeni uzobika ngokulahleka kwendodana yawo,” kusho yena.

Uthi yilapho ethole khona ukuthi nomndeni wakwaPhungula ubhekene nenkinga efanayo. UMnu Sipho Phungula, onguyise kaMlulamisi, uthi akaqondi ngempela ukuthi lokhu okwenzekile, kwenzeke kanjani. 

“Sisamangele ukuthi izingane zize zithunjwa nje, kwenzekeni ngoba nomfana wakwaMkhize lona abulawe naye, kasimazi nokumazi,” kusho uMnu Phungula. 

Uchaze indodana yakhe njengomuntu obethanda ukusebenza ngokuzikhandla, ibisanda nokuthola umsebenzi wokuba ngunogada. 

ILANGA lithole ukuthi noNkanyiso ubeselindele ukuyoqeqeshwa enkampanini yonogada la ebekusebenza khona uMlulamisi. 

IMeya yaseRichmond, uMnu Samora Ndlovu, ithe: “Sizama ukuthuthukisa indawo yaseRichmond, kodwa izigameko ezinjengalezi zisibuyisela emuva. 

“Sinethemba lokuthi amaphoyisa azolulandelela udaba njengoba kuvela ukuthi “abathumbi” ngabantu abaziwayo. Siyanxusa ukuba umphakathi ungazibambeli umthetho.” 

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe izisulu ezimbili zithunjiwe ngomhla ka-26 eRichmond, izidumbu zazo zatholakala ngakusasa eBeta Crate, ku-Alexandra Road, eMgungundlovu.

“Kuvulwe amacala okubulala kanti umsolwa oneminyaka ewu-22 kulindeleke ukuba avele enkantolo,” kusho uCapt Gwala. 

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleI-PSL ishiywe ngabaxhasi bakwaTelkom
Next articleUzovela namuhla umsolwa (15) kwelokubulala ingane (4)