LUCKY CAIN
UKHALA ngezinkulumo ebezilokhu ziqhamuka usalinde ukungcwaba umndeni kaNkz Bongiwe Nkomo (osesithombeni), waseNhlonga, eMsinga, obalwa nabawu-77, abashona ngesikhathi kusha ibhilidi ngenyanga edlule, eGoli.
Umphumela wolibofuzo lwesidumbu sikaNkz Nkomo, uphumile ngoMsombuluko emuva kokuba umndeni uphoqeleke ukuhlala inyanga emakhandleleni ulinde ukungcwaba.
Umndeni wakhe wawukwazile ukumhlonza, kodwa izikhulu zikahulumeni zanxusa ukuba kwenziwe ulibofuzo ukuze kube nesiqiniseko sokuthi kungcwatshwa yena ngempela.
Ekhuluma neLANGA uMnu Mluleki Nkomo ongumfowabo kaNkz Nkomo, uthe nakuba lokhu sekuzokwehlisa umthwalo, kodwa akubanga yisikhathi esilula ukulinda njengoba bekulokhu kunezinkulumo ezingezinhle ebeziqhamuka ebantwini.
Utshele leli phephandaba ukuthi bekunabanye abebenezinsolo zokuthi udadewabo akashonanga kulo mlilo, besola izinto zesintu nokuganga kwabantu.
Uthe bewumndeni banethemba lokuthi umthwalo usuzokwehla uma sebazi ukuthi nangu udadewabo futhi isidumbu sakhe sithunwe kuphi.
Inkonzo yomngcwabo kaNkz Nkomo ihlelelwe ukuba kusasa, eNhlonga.
ILANGA lithole ukuthi kusenezidumbu ezingakangcwatshwa njengoba kusalindwe ulibofuzo.