Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zivune abasakazi izinkinga zoKhozi FM

Zivune abasakazi izinkinga zoKhozi FM

by | 14 March 2025

NGUDUDU “Lady D” Khoza

KUSOLWA umyalelo ovela komkhulu lenhlangano yezokusakaza ngomoya, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ngokungashintshwa kwabasakazi ezinhlelweni eziqavile oKhozini FM.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, sekuqediwe ngezingxoxo zokubuyekezwa kwezinkontileka. Okwamanje kusesigabeni sesibili sokuthi abasakazi bethule okusha abazokwenza ezinhlelweni zabo ukuze kushaye umhla ka-1 Ephreli, kuqale unyaka omusha wezinhlelo kulo msakazo.

Ngokomthombo waleli phephandaba, uthi akekho umsakazi osakhulume eyokuthi ushintshiwe. Uthi ngokwezinsolo zabo, lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi nasezikhundleni eziphezulu zalo msakazo, kabekho abaphathi abaqashwe ngokugcwele, bonke babanjisiwe.

NGUKHATHIDE “Tshath’ Ugodo” Ngobe.

“Abaphathi kabanazo izizathu ezinqala zokunyakazisa abantu ezinhlelweni zabo ngoba nabo babambile. Kungenzeka ukuthi umyalelo bawuthole eGoli ekomkhulu lale nhlangano ukuthi zingenziwa izinguquko,” kusho umthombo.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, izinhlelo ezinkulu okubalwa kuzona uSgiyangengoma, kalukho ushintsho kubasakazi, kusazoqhubeka uKhathide “Tshatha” Ngobe noBingelela Mpanza, kanti kuJabule Ujule, kusenguyena uDudu “Lady D ” Khoza. Uhlelo iDanki 12 to 3 kusaqhubeka uZimiphi “Zimdollar” Biyela noKing Sfiso, nabanye.

“Kuvalwe izikhala zabasakazi ebezivulekile ngoba uMandla “Njinji” Magwaza wesula emsebenzini, uSiya Mhlongo usenezinkinga okwamanje. Abaphathi bayazi ukuthi ukushi-ntshwa kwabasakazi kudinga isibindi, kwazise abanye baze bakhale,” kusho umthombo.

Uthi okwamanje esikhundleni sikamphathi wesiteshi kubambe uMnu Busani Mthembu, kwesikamphathi wezinhlelo kubambe uMnu Mandla Mdletshe.

Kuzokhumbululeka ukuthi obephethe uKhozi FM, uNkz Sbongi Ngcobo washiya nyakenye ngoDisemba, kanti nomphathi wezinhlelo obekhona, uNkz Pearl Maseko, wesula.

NGUZIMIPHI “Zimdollar” Biyela

Omunye umthombo wangaphakathi, uthi njengoba kwehlukene izinhlangothi ezisebenzini ngaphakathi, nabo abaphathi kabafuni ukuzinyundela njengoba bengakaqashwa ngokugcwele.

“Ubutha emsakazweni budalwa yinzondo yezinhlelo. Ngakho-ke kubavunile abaningi ukunganyakaziswa ezinhlelweni, nakuba bekhona abebefisa ushintsho ngoba nabo kabathokozile ezinhlelweni abakuzona,” kusho umthombo.

Ezisematheni

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

Sezimkhalele owesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wakwaBolt

SEZIMKHALELE umsolwa wesifazane osolwa ekubulaweni komshayeli wemoto yakwaBolt ePretoria West ngoLwesithathu ebusuku. Isigameko sokuklinywa kubulawe lona wesilisa obeshayela kuBolt, okubonakale ebanjwa inkunzi , sishaqise abaningi ezinkundleni zokuxhumana....

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa...

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

Wukuxhoshwa ngemali okuqhathe uTshatha nabeMpucuzeko

ULAXAZE phansi umcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival, ‘ngenxa yoku-shaywa ngesithende’ uma kwabiwa imali yawo’, umsakazi woKhozi FM, okuthiwa nguyena umphembi wawo, kodwa ubekhala ngengcindezelo. Ngokuthola kweLANGA ngemi-thombo yalo, ubudlelwano buka-Khathide...