JOHN HLONGWA
ZIXHAWULWE ngezihlangu ezakhiwe ngezikhumba zezinkomo zamanguni izikhulu zikahulumeni ebeziyokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNdlulamithi, esiGodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma namuhla ngoMsombuluko, ziyozethula kusona. ISilo sixhawule uNgqongqoshe wezokuKlanywa kaBusha kwemiHlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnu Mzwanele Nyontso, yiseleka lakhe uMnu Stanley Mathabatha nesekela-ngqongqoshe kwezokubusa ngokubambisana nezomdabu, uMnu Zolile Burns-Ncamashe ngalezi zihlangu.
ISILO uMisuzulu nezikhulu zikahulumeni ebeziyosotha emuva komhlangano ababenawo. ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
Bona baxoshise iNdlulamithi ngenkomo. Lezi zikhulu zikahulumeni ziqale zavalelana neSilo kudingidwa okuthile emuva kwalokho zatshela abezindaba ukuthi kakukuningi abakuxoxlile ngaphandle kokuthi bebeyozethula eSilweni.
UNdunankulu kaZulu, uMfu uThulasizwe Buthelezi, uzwakalise injabulo ngokuthi uhulumeni uyazibophezela ekuqhubekeni nokusebenzisana neSilo.