Ziyabubula izintatheli ngokukhishwa kwe-media truck kwiComrades Marathon

184

MZWAMANDLA ZONDI

SIGADLE kwezwela kwabezinda isenzo sabeComrades Marathon Association (CMA) sokuhoxisa iloli (media truck) ebelithwala izintatheli ukuwubuka bukhoma umjaho emzileni, kusuka uqala kuze kuyoshaywa intambo. Umjaho walo nyaka uzokuba mhla ka-9 kuNhlangulana (June) usukela eThekwini usongwe eMgungundlovu.

Ngesikhathi abezindaba befaka izicelo zokusebenza emjahweni walo nyaka, bekuthiwa mabasho ukuthi bafuna ukungena kwi-media truck noma ukusebenza lapho uphelela khona. Kuthe uma kubuya izimpendulo ngeledlule, batshelwa ukuthi i-media truck izokube ingekho
emjahweni walo nyaka.

ILANGA lingakudalula ukuthi iningi lezintatheli elikhulume nazo lizwakalise ukungasijabuleli isinqumo seCMA, zithi sizokwenza ukuba zisebenze kanzima. Ezinye zithe zizobhalela iCMA zicele ukuba isibuyekeze lesi sinqumo sayo. Leli phephandaba lithole ukuthi ziba ngaphezulu kuka-50 izintatheli ezijwayele ukufaka isicelo sokuba kwi-media truck, kanti kujwayele ukuthi kube ngamaloli amabili emzileni. 

Kuthintwa usihlalo weCMA, uMqondisi Ngcobo, ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi banqume ukuyikhipha i-media truck ezinhlelweni zalo nyaka. “Okuholele ekutheni siyikhiphe, yinto esiyibone nyakenye, beziyingcosana izintatheli kuyona. Enye yazo ibihamba nentatheli eyodwa ekubeni ziningi ebesemukele izicelo zazo ukuthi zizokube zikuyona,” kusho
uNgcobo.

Nasemjahweni wanyakenye, uDelaine Cools wezokuxhumana kwiCMA, ukhombise ukungasenameli isenzo sezintatheli sokufaka izicelo zokuba kwi-media truck kodwa zangabonakali kuyona. 

Lokhu kwenzekile nango-2022 njengoba zazingaphansi ngisho kweshumi izintatheli ezazikhona kula maloli. 

Previous articleUdutshulwe wabulawa emngcwabeni womngani
Next articleUsola iSilo ngokufuna enze ngendlela yaso kwiNgonyama Trust