Ziyakhula izinkinga zemali kwiSwallows

466

SENZO SOKHELA

ZIKAPAKELA naseqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) izinkinga zemali ezihaqe iMoroka Swallows engenye yamakilabhu anomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika. Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iSwallows Reserves iye emdlalweni wayo neTS Galaxy Reserves ngoMgqibelo emini eTsakane Stadium, sekunabadlali okuphoqeleke ukuba ibadedele, ikhala ngokuthi kayisenayo imali yokukhokhela indawo okuhlala kuyona abadlali abagijima kwiDDC. 

Umthombo waleli phephandaba uthe: “Idlale neGalaxy ngaphandle kukakaputeni wayo, u-Owami Ndlela, enqume ukumdedela nabanye abadlali. “Kuthiwa iSwallows ibize abadlali yabazisa ukuthi ngeke isakwazi ukukhokhela isikhungo okuhlala kusona abagijima kwiDDC, ngakho-ke kuzofanele abadlali bazitholele izindawo zokuhlala. Ngenxa yokuthi kakuholwa kulesi sigaba, ibe isibadedela abadlali abebengeke bakwazi ukuzikhokhela. Ngikhuluma nje, uNdlela ubuyele KwaZulu-Natal, ufuna ikilabhu azodlala kuyona.”

Imizamo yokuthola uSipho Xulu okhulumela iSwallows, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa aluvale. Oluka-Elasto Kapowezha oyimenenja yeSwallows, lona belukhala kodwa lungabanjwa.

Previous articleZihlukene phakathi izikhulu zeChiefs ngoChivaviro
Next articleUmnyango waseKZN unciphisa isibalo sabafundi abaphakelwayo ezikoleni