ZIYAWUSHAYA KUBABES NOMPINTSHO

1165
ZIZOBOPHA ifindo likasofasilahlane izithandani ezingabaculi abadumile zaseThekwini, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane noMandla
“Mampintsha” Maphumulo, emshadweni wesintu ohlelwe ukuba ngempelasonto eThekwini.

SANDILE MAKHOBA

KULINDELEKE izinga eliphezulu emshadweni wosaziwayo abanga-baculi abadume ngezigigaba eziningi, okuhlanganisa nokugqimuzama ngamaqupha, uBongekile “Babes Wodu-mo” Simelane noMandla “Mampi-ntsha” Maphumulo ozokuba seBa-llito, eThekwini ngeSonto. 

Ngokuthole kweLANGA ngemi-thombo yalo, lo mshado uzohanje-lwa ngabathile abamenyiwe kanti kulindeleke ukuba ungasabalali ezinkundleni zokuxhumana nje-ngoba kuthiwa abakwaShowmax – abaqopha uhlelo olukhuluma nge-mpilo yalaba baculi, oluzobizwa ngokuthi “Uthando Lodumo” – be-thenge amalungelo awo, okusho ukuthi kuyoba yibo abakhombisa ngawo. 

lezi zithandani zithembisene umshado ngoMfumfu (October) wa-ngonyaka odlule, kanti ngenyanga edlule uBabes wabonakala enda-weni yobumnandi eMlazi nesisu ezikhombisa ukuthi uzithwele. 

Uthando lwabo selokhu lwaba sematheni ngesikhathi uBabes ekhipha ingoma yakhe yokuqala ethi “Wololo”, ngaphansi kwenkampani kaMampintsha, iWest Ink Records. 

Ethintwa yiLANGA uMampi-ntsha, uthe akakwazi ukukhuluma ngalo mshado. 

“Umshado ukhona, kuza abamenyiwe kuphela, oku-ningi kangi-kwazi ukukusho ngoba iShowmax yiyona ethe-nge amalu-ngelo omshado,” esho. 

Elinye iphephandaba lesiNgisi libike ukuthi udadewabo kaBabes Wodumo, uNondumiso Simelane, uqinisekisile ukuthi laba bayashada ngeSo-nto, wathi njengamanje imindeni iyatatazela, iyehla iyenyuka kuqedelwa amalungiselelo.

“Kuzoba wumshado wabo wesi-ntu, okuzothi ngemuva kwezinya-nga ezimbalwa besekuba ngo-mhlophe,” kusho yena.

 Kuleli phephandaba kuvela no-kuthi uNomsa Philiso, ongumqo-ndisi weLocal Entertainment kwaMultichoice, uthe: “Uhlelo lolu lu-zogxila othandweni lwabo nokuthi badlula kanjani ezinkingeni asebe-ke babhekana nazo ngokubambisa-na nemindeni yabo.”

Previous articleBahoxe isigubhukane abameli bakamsholozi
Next articleIChiefs nonyawo lwedada