SIGUDLA NOGALAKAJANA: ABDUL MILAZI
KUTHIWA kulukhuni ukuba yindoda, kodwa ngihlangabezane nobunzima uma indodana yami ewuthunjana ingibuza ukuthi kusho ukuthini kimi ukuba yindoda. Izikhathi sezashintsha, ngakho ukuba yindoda namuhla kwehlukile kunencazelo thina esanikwa yona sisakhula. Sekunamadoda angabafazi nabafazi abangamadoda. Sekukhona namadoda ayengabafazi nabafazi
ababengamadoda. Kukhona futhi namadoda angamadoda, kodwa avele abe ngabafazi uma ethandile.
Ukuba yindoda namuhla kulele emizweni yomuntu, kuya ngokuthi uzizwa kanjani ngaphakathi wena msalofu. Noma ukhetha ukuba yindoda, nakhona akusacaci kahle ukuthi yini ekwenza indoda. Sikhule kuthiwa ubudoda kabukhulelwa, kanti umsebenzi wendoda wawucacile, usobala okwempahla yembuzi. Kwakuthiwa indoda iba yindoda ngoba nakhu yondla umndeni wayo, futhi iwuvikela. Uma wehluleka wukwenza lokho, kwakuthiwa kawuyindoda yalutho, kanti uma ukwenza, kuthiwe uyindoda emadodeni.
Yingakho kwakuthiwa indoda yiyo inhloko yekhaya. Lokhu kwakungenxa yokuthi amadoda yiwo ayesebenza, efaka imali ekhaya. Abafazi babethi noma betohoza, kodwa bangatholi mali etheni ngoba yayingeminingi imisebenzi yabesifazane. Nabafanyana babekhula bazi ukuthi kuyomele bathole imisebenzi, baganwe bondle imindeni yabo. Wayethi umfana uma esekhulile wathola umsebenzi, agoduke nemali ayinike uyise, kuthiwe useyindoda. Uyise wayemlekela ngokulobola, aphume inxiwa, naye aziqalele owakhe umndeni.
Amantombazane ayelindela nje ukuthi athole indoda eqotho, agane. Abesifazane sebehola imali ecacile kulezi zinsuku, kanti abanye sebehola edlula eyamadoda abo. Ngakho-ke ukondla umndeni nokuwuvikela akusewona umsebenzi wendoda, sekuwumsebenzi wanoma ngubani osebenzayo. Ukuba yinhloko yekhaya nakho kuyashintsha phela kuleso simo. Ngeke uthi nje nguwe inhloko, kodwa wehluleke wukusho ukuthi yini ekwenza inhloko. Yingakho uthola amanye amadoda esebenzisa ilobolo njengento ewanika ilungelo lokuba yizinhloko. Uthi ebuza owesifazane uma kuxatshanwa ethi: “Ubani owakubeka wathi uyinhloko ngoba yimi oletha imali eningi lapha ekhaya?” Indoda imane ithi: “phela yimi engakulobola, kangilotsholwanga nguwe.” Ayiqede kanjalo umlisa leyo nkulumompikiswano.
Ngesimanjemanje, kuthiwa akusekho ndoda futhi akusekho mfazi, sesiyalingana ngamalungelo nakho konke nje obekusehlukanisa phambilini.
Ngizithole inkukhu inqunywe umlomo, ngingazi ukuthi ngiqalephi ukusiza indodana ngoba ithe lo mbuzo bawubuzwe ekolishi lapho ifunda khona, ngakho ibifuna ukuzwa uvo lwami. Ngenhlanhla unguthunjana, ngakho ngiyagcina ukuphendula lo mbuzo, ngizwela obaba abasebasha. Abazukulu bami ngeke ngibaphendule, ngiyomane ngithi mabayobuza koyise. Mina nje bangangibuza ukuthi kusho
ukuthini kimi ukuba ngumkhulu.
Lapho-ke ngizobatshela ukuthi kusho ukuthi angisakhulisi ngane kanti nesicefe angizwani naso. Phela uma ungumkhulu noma ugogo, usuke usuneqholo lokutshela abazukulu ukuthi ezakho izingane sewaqeda ukuzikhulisa, ngakho bona bawutaku lwabazali babo, owabakhulisa kanzima bekunika zona lezi zinkinga okumele nabo baziyise kubo. Uma nje efika umzukulu ibhulukwe lihleli ngezansi kwezinqe – njengoba intsha yenza nje – umane umtshele ukuthi uma efuna ukuba yindoda, kumele aqale ngokwenyusa ibhulukwe, ayeke ukudunusela abantu lapha ngaphandle. Bayogcina ngci ukuza kuwe ngoba phela kabafuni ukwenyusa amabhulukwe.
Kumanje nje, kabezi kimi, babingelela bekude uma bevakashile, batshela uninakhulu ukuthi mina ngimane ngikhulume noma yikanjani, kanti lokho kuyabahlukumeza emoyeni. Nami ngiyamtshela uninakhulu – uma ethi uyangikhuza – ukuthi nami lokhu abakwenzayo kuyawuhlukumeza umoya wami. Ukuthi kusho ukuthini ukuba yindoda kulezi zinsuku nathi sesiyozwa ngayo intsha.