Zizodlana imilala ngoNhlaba okhethweni lwalo nyaka

171

PHUMLANI GAMA

AZOPHELA mhla ka-29 kuNhlaba (May) amaphupho ngohulumeni omusha waseNingizimu Afrika njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele lolu suku ukuba kuvotelwe ngalo uhulumeni kazwelonke nabezifundazwe. Lesi simemezelo samukelwe ngamaqembu ezepolitiki ngokwahlukana kwawo.
“Umengameli uqoke lolu suku emuva kokuxhumana ne-IEC (Independent Electoral Commission),” kusho uMnu Vincent Magwenya okhulumela ihhovisi likamengameli.
Ngemuva kwalesi simemezelo, amaqembu ezombusazwe akhiphe izitatimende ezwakalisa ukusemukela.

Previous articleInyukela kwesinye isigaba i-loadshedding
Next articleUBester ukhale ngesidadada sikashukela evela enkantolo