Zizogugela ejele izinkabi ezabulala ikhansela le-IFP

193

PHUMLANI GAMA

ZIZOGUGELA ejele izinkabi ezimbili zaKwaNongoma ezigwetshwe iminyaka ewu-25 ngokubulala  uMnu Robert Mdletshe (70), owayeyikhansela le-IFP eMandeni futhi engusomatekisi. UMdletshe wadutshulwa wabulawa esenxanxatheleni yezitolo
eMandeni ngoMbasa (April) ka-2021. 

NgoLwesithathu, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe uBhekizenzo Mtshali (41) noLindelani Nsele (33) emuva kokuba ngeledlule ibalahle ngamacala amathathu – okungelokubulala, elokuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla. 

Kuleli cala kuthinteka amagama abantu abawu-5 – okunguBhekizenzo, uLindelani, uMnu Siyanda Thusi ongusomatekisi, okumanje ungaphandle ngebheyili, uMnu
Thabo Mpulo osewaphenduka ufakazi wombuso noMnu Lucky Majola ongasekho emhlabeni, okuthiwa wabulawa ngamalungu omphakathi waseShowe ngesikhathi yena nabanye bezama ukuhlasela omunye wosomatekisi. 

UThusi uzovela kuyona le nkantolo ngesonto elizayo. 

Lethula isigwebo ibamba lejaji, uMnu Pitman (eligatholakalanga igama lalo), lithe liyakuqonda ukuthi ababulali babeqashelwe ukwenza umsebenzi wokubulala umufi, kodwa siyesabeka isihluku abasisebenzisa bebulala uMdletshe. 

Indodakazi kamufi, uNkz Sandile Mdletshe – ekhulume neLANGA enkantolo – ithe bayasemukela isigwebo esikhishwe yinkantolo. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleAbantu abamnyama bathandana uma behlanga emazweni abelungu kuphela
Next article“Lijikijelwe” ngodilikajele abathathu iphoyisa elabulala umkalo nabasekhweni